Ukunganakwa kwamaciko kuwenze ayilaxaza phansi I-ANC


Ukungabhekelelwa nokuthwala kanzima kwamaciko Kwa Zulu Natali sekuwenze agcina ephumela obala ngamaqembu awesekayo njengoba kubhekwe okhethweni mhlaka 29 May 2024.
Owahlukanisa unyaka emsakazweni omkhulukazi uKhozi FM uDj Hlo waseThekwini uthuse abaningi evembuka nesikhundla kwiqembu eliholwa uMnu Jacob Zuma uMkhonto Wesizwe Party.

Isithombe : Dj Hlo osekwithimba
lezobuciko kuMkhonto Wesizwe Party

Ekhuluma nabezindaba loDj othandwa kakhulu eThekwini uthe “kuzokhumbuleka ngihambe kakhulu ne ANC ngethemba lokuthi zobhekeleleka njengoDj wokuqala wesifazane owahlukanisa unyaka kodwa konke lokho akwenzekanga ngafaka nezicelo emnyangweni ngihlose ukukhulisa abanye abantu abesifazane endimeni kodwa izicelo zashawa indiva, okunye masekuqashweni emcimbini kahulumeni azange ngilithole nalelo thuba” kusho Dj Hlo.

Isithombe : Dj Hlo benomculi uMadanone waseThekwini

Kumaciko aseyingamalunga eMK akuyena yedwa Dj Hlo osephumele obala ngokweseka leqembu kukhona noZuluboy oseqhoqhobele izintambo kuhlaka lwamaciko ngaphansi kwe MK.

Isithombe : Umholi woMkhonto Wesizwe Party uMengameli Jacob Zuma no Dj Hlo.

Ekhuluma kwanezindaba umholi weMK Creative Council eKZN, uMxolisi “Zuluboy” Majozi ukuqinisekisile ukujutshwa kukaDJ Hlo ezinhlakeni zeMK Party.

“UDJ Hlo umele umkhandlu wamaciko angaphansi kweMK Party kwiMK Women’s League nakwiMK Youth League,” kulandisa uZuluboy oyiciko elingaconsi phansi kubantu baseNingizimu Africa.
Khonamanjalo sekusele izinsuku ezingamashuni amane kuyiwe okhethweni lukazwelonke.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link