Ukhuza umhlola wokwanda kwesihlava sokubulawa kwabesifaze ongamele iNASGB Kwa Zulu Natali

Bhekizizwe Media SA

Ukwanda kwesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nokubulawa kakhulukazi kulezigameko ezenzeke eNingizimu NoGu nesifunda we saKwaZulu Natali kuthuthumelisa ubuholi obubhekele ukulawulwa kwezikole Kwa Zulu Natali iKZN National Association of School Governing Bodies, lesigungu sikhuza umhlola nechilo yize kukade kunezinhlelo ze 16 Days of Activism Against Women’s and Children Abuse.

Kwisitatimende esikhishwe uSihlalo wesifundazwe saKwaZulu kwi KZN NASGB uMnu Lungani Makhathini unabe kabanzi kokukhathezeka kwabo bewubuholi besifundazwe “kubi kakhulu esikubona kwenzeka futhi siyazwelana kakhulu nemindeni ethintekile ilezigameko ezinyantisa igazi ezehle kulesifundazo kulenyanga kaZibandlela. Lenyanga okufanele ngabe imindeni iyajabulelana ihlezi ndawonye idla amaholide kodwa ibhizi ifihla abathandiweyo bayo” siwuphiko elibhekele abazali kwezemfundo siyafisa ukuthi iminyango kaHuluumeni ingenelele ukweluleka imindeni nabanye abathintekile kulezehlakalo” kusho Mnu Lungani Makhathini.

Khonamanjalo uMnu Lungani Makhathini uphinde wafisela bonke abafundi, othisha, abazali, izikhulu zikahulumeni ngokwehlukana kwazo, abaholi bomndabu, Abaholi bakalizwi kanjalo nomphathi wonke wakwisifundazwe sakwaZulu Natali uNcibijane onezilokotho ezinhle nonyaka ogcwele izibusizo Ka 2025.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link