Nkosingiphile Ntombela
Ukungahambi kahle kwenzinhlelo zokusiza abafundi ngoxhaso sekudale ukukhathazeka kubafundi eNingizimu Africa.
Kwisigameko sakamuva abafundi baseMgungundlovu Tvet College bavuke unbhejazane bekhala ngokugqoza nokungahambisi kahle kohlelo Luka NSFAS. Okunye okukhalisa abafundi balesikhungo ukungabikho kwama “lecture” abakhale ngokuthi basalela emuva njengoba bengenawo.

Isithombe : uNgqongqoshe weMfundo Ephakeme uDkt Blade Nziamande evakashele eMajuba TVET College

Okufika kumangaze kakhulu akuwona wodwa ama Tvet abhekene nalengwadla yokubhekana nezinkinga namanyuvesi nawo akhala esifanayo sokugqoza kwesikhwama uNSFAS ekubakhokheleni nasekubahlinzekeni njengoba bethembele kuloxhasomali.
NgeSonto eledlule uNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme uDkt Blade Nzimande uvakashele eMajuba TVET waphuma ngesamagundane bemjikijela ngamatshe abafundi bethi uphi uNFSAS abathembisa wona nokuyilapho okuze walanyulelwa amaphoyisa kwanabafundi ababoshwayo abavele bakhetha ukubhikisha baze bamjikijela nangamatshe.
Khona manjalo nase University of Zululand oNgoye nakhona ziyanda izinkinga zokuhlukumezeka kwabafundi kakhulukazi kwinhlalakahle njengoba kucanasa izigebengu kwizindawo abahlala kuzo, abakhulume nethimba lethu bakhale ngokwanda kwezigebengu okuyinto ebenza bahlalele ovalweni ngenxa yeqembu lemgulukudu elizibiza ngamaDabuka okuyiqembu elihlalise abafundi lubhojozi lubabamba nkunzi lubaphuca nezinsiza kufunda kakhulukazi ama laptop yize belubika lodaba bathi babona kunokuhuduleka kwezinyawo ekusizakaleni kwabo kwezokuphepha.