Kukhulekelwe udlame olubhekiswe kwabesifazane Kwa Mpumuza eMgungundlovu.

Nkosingiphile Ntombela

Umkhuleko obanjwa minyaka yonke oholwa umkhandlu Wesizwe SaMaMpumuza eMgungundlovu ubeyimpumelelo lapho abamamandla, abefundisi, abasebenzi beminyango eyehlukene bagcwale phama KwaMaNcane Hall mhlaka 10 kuMasingana ka 2025 okuwumkhuleko obamninyaka yonke, obekuseqhulwini kukhulekelwe nesihlava esihlasele izwelonke eNingizimu Africa sokuhlukunyezwa kwabesifaze babulawe.

Isithombe ; Abaphathiswa bezwi leNkosi bekhulekela isizwe saKwaMpumuza kwinkonzo ebigcwele phama amalunga amabandla ahlukeke kanye nezihambeli ebezisuka kwiminyango kahulumeni eyehlukene.

Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media uRev Mtshali unabe kabanzi ngokubaluleka kokukhuleka ngokuzohlanganyela “Inhloso yomkhuleko ukubonga nokunxusa uNkulunkulu ukuba siyisizwe asigcine asihole nakulonyaka njengeminye iminyaka edlule. Esikukhulekela kakhulu abafundi nothisha njengoba ziqalile izingane zika matric kanti siyaqala zonke kulesonto elizoqala ukuthi uNkulunkulu abenabo kuqala kuze kuphele unyaka, sakhulekela ukuvuleka kweminyango ukuze kwehle ububha esizweni sonke samaMpumuza, kwaba ukukhulekela ukuthi uNkulunkulu asifihle isizwe ikakhulukazi kulaba abasakhulu ukuthi bangazibandakanyi kwizidakamizwa ngoba izona eziholela ekutheni kube nokuhlukunyezwa kwabantu (GBV)” kunaba uRev Mtshsli

Bakhulekele nokuqala kahle kokuvulwa kwezikole eMancane Hall ebigcwele phama abazalwane bamabandla ahlukene.
Isithombe : Abazalwane baphume ngobuningi bezokhulekela ukuqala okuhle onyakeni ka 2025

Kulomkhuleko amabandla asendaweni yakaMpumuza angaphezu kuka 60 abefundisi bebephume ngobuningi babo kanye namalunga amabandla aphinde aba ngamalunga esizwe, obekujabulisa lomthandazo ubuhlelwe ngamakholwa kodwa bebekhona namalunga omphakathi abezoseka lohlelo ngenxa yokuthi bekuyinto yesizwe naso besiphume ngobuningi baso kanye namakhosana.

Khonamanjalo iNkosi K. S Zondi ibonge kakhulu ukuphumelela kwesizwe kulomkhuleko obalulekile kakhulu wokuqala unyaka okunye akuphakamiswe iNkosi K. S Zondi ukuthi ufisa isizwe sibumbane, sivikelane kungabikhona ukungahlali kahle esizweni,futhi okunye ngakhohlwa abasuka kuhulumeni abasingathe losuku lwaba impumelelo nabobonke abafundisi ababambe iqhaza kulomkhuleko.” kuphetha iNkosi K.S Zondi.

Izinhlaka zahulumeni ebezisingathe losuku kubalwa iSAPS uMgungundlovu, Soicial Development (DSD), kwaba inhlangano yama Kristu eyaziwa ngokuthi KwaZulu Natal Christian Counsil.

Isithombe : Kuhlomule namalunga omphakathi ngama food parcels emva komkhuleko obanjwa minyaka yonke esizweni saKwaMpumuza

Lomkhuleko ubuxhaswe Amabandla Ama Ktistu, ibandla lakwa Shembe,Umkhandlu weNkosi iMpumuza Traditional Counsil, UKhansela Msomi waseMsunduzi Ward 01 uMnu Msomi, uKhansela waseMsunduzi Ward 02 uMnu Zuma, uKhansela waseMsunduzi Ward 07 uMnu Zuma kanye nehhovisi likaSomlomo Khansela uMnu Gabela.
Nezinhlangano ezizimele ezixhase lomcimbi kubalwa kuzo oNaluthuso Helping Hands,
TB HIV Care, Famusa Agri nabe Iscelo business consultant.

Okuhlalikile abafundisi banezinhlelo zokuhambela imtholampilo, izikole ukuhambisa imithandazo kulandelwa (i year plan). Ukuhlangana kwabefundisi bekhuleka ndawonye (breakfast prayer) kukhulekelwe nezimo ezibhekene nendawo futhi abefundisi baphinde bazibophezela ekutheni bazoba ingxenye yezinhlelo zonke zomkhandlu we Nkosi iMpumuza Traditional Counsil eMgungundlovu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link