Nkosingiphile Ntombela
Insizwa ezalwe yakhula khona kwaMpumuza uBonga Gwamanda owaziwa kakhulu ngelika Muthwa, lensizwa ezalwe esigodini sakagandaganda ngaphansi kwenduna uHlela igile izimanga iqoqa izindondo kwimikomelo yothisha abenze kahle kwabafundisa emajele aseNingizimu Africa.

Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media uMnu Gwamanda unabe kabanzi ngendlela asebenze ngayo ebambisene nozwakwabo afundisa nabo ejele lase Thekwini Durban Westville Prison.
“Engakusho ijele akuyona indawo engithi umuntu omusha akadlule kuyo ukuze aphumelele, ijele alimnandi ngoba kuningi ophucwa khona masukejele njengelungelo lokuba nezimfihlo nelokwenza izinto ngendlela ofisa ngayo, okukhulu ijele lishaya kakhulu isimo somqondo ingako ngikukhuthaza ukuthi abantu abasha bangazibandakanyi nobugebengu abubuyiseli kunalokho kumisa impilo” kunaba uMnu Gwamanda.

Khonamanjalo uMnu Gwamanda ubuye waveza elokuthi izinhlelo abanazo ejele ezokukwakha mawumuntu omusha ubuyele emphakathini usukulungele ukuqala kabusha impilo yakho, uphinde waveza ukuthi okumqoka mawumuntu osanamaphupho amahle kumele ubalalele abazali usebenzisane nabo ukuze ubeneksasa eliqhakazile.
Khonamanjalo uMnu Gwamanda ukhale ngokulangazelela ukuba nohlelo lokuzothuthukisa abantu abasha kakhulukazi laba asebecwile ezidakamizweni athe ubona kuyibo asebengalungiseka esebenzisa isipiloyoni anaso namava asewathole njengoba esebenza nalolonke uhlobo lweziboshwa ezizimisele ukuphuma ziqale kabusha njengoba sekumubeke kwibalazwe njengothisha okhipha imiphumela emihle eNingizimu Africa esuka endaweni yaKwaMpumuza.
Okunye obekusematheni uMnu Gwamanda ukuthi uyayithanda indawo yangakubo iMpumuza njengoba kuyiyo eyamunika ithuba lokuzicija kumkhakha wobuthishela anesifiso sokuthi ngolunye usuku azobuyisela kulomphakathi ophinde wabonga nendlela athokoze ngayo ezithola ehlomula ngendondo kazwelonke emele IKwaZulu Natal esuka esikhungweni Kusethubeni Youth School eDurban Westville Prison.