Nkosingiphile Ntombela
Usomabhizinisi wasendaweni KwaMncane ngase Zondi Store wenze okungajwayelekile ngomhlaka 23 kuMasingana ka 2024, uRev Mkhize ebuyisela emphakathini wangakubo ezobonga nendlela abamuxhasa ngayo kwibhizinisi lakhe labancwabi elaziwa nge Khabzo Funerals.
Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media uMnu Mkhize ophinde abengumfundisi uncome kakhulu indlela abameseka ngayo kulendawo ingako ebenzele umcimbi wokubonga.
“Inhloso enkulu ngalomcimbi ukuzobonga uxhaso engiluthola kulomphakathi ngiphinde ngizokhuthaza nentsha ekutheni ifunde ukuqala amabhizinisi azokwazi ukufukula umnotho eMzansi Africa. Okuhle ngalomcimbi ngibuye ngakomelisa abahlanu abazoya kofunda ukushayela abawine kumncintiswano ebengubekile wezincwadi zokushayela” kunaba Pastor Mkhize.

Kulomcimbi ubuthanyelwe nayikhansela lendawo uMnu Mshushisi Ngubane ophinde wanikwa ithuba echaza ngezinhlelo asezenzile ngentuthuko yendawo lapho ephakamise ukuthi umphakathi ucela usebenzisane namaphoyisa mekunezimo ezenza kungabikhona uzinzo emphakathini kakhulukazi kwizenzo zobugebengu.
Khonamanjalo abomubutho wamaPhoyisa iSAPS banikwe ithuba bakhuza lesihlava sokuhlaselwa kwabesifazane nezingane esesidla lubi kulezinsuku eNingizimu Africa bathi umphakathi kumele usukume uzibike izimo ezofuze lezi ungahlali nabahlukumezi emphakathini ukuze kuphele iGBV eMzansi.

Khonamanjalo UMnu Mkhize uqinisekisile wathi lohlelo luzoqhubeka ngo April bazoya endawen yase Bhulwa beyopha izipho emphakathini.

Isikhulu seKhabzo Funerals uMnu Mkhize ubesebonga kakhulu kuwowonke amalunga omphakathi aphumelelile ukwenza lomcimbi wabimpumelelo okubalwa ikhansela lendawo, abafundisi, othishanhloko bezikole zasendawen okuyi Sikhululiwe Secondary School kanye ne Zweliyazuza Primary School. Uphinde wabonga kakhulu amalunga ase Khabzo ngokubambisana okube nempumelelo kanye nomphakathi wase Zondi Store KwaMncane.