Nkosingiphile Ntombela
Isifunda saseMgungundlovu emnyangweni wezemfundo sihlome othisha abenzekahle uphaphe legwalagwala njengoba lesifunda zikhiqize imiphumela emihle kakhulu kumatikuketsheni ka 2024.Lomcimbi kanokusho obusenkabeni yenhloko dolobha lesifundazwe saKwa Zulu Natali uMgungundlovu zingu 24 kuNhlolanja ka 2025.
Abethimba lezindaba kwiBhekizizwe Media bakhulume nobaqwaqwade amakhanda kwisifunda uMgungundlovu Ms Slindokuhle Mnguni oqoqe izindodo zokuba ovelele esifundweni sezolimo i- Agricultural Sciences,lothisha ofundisa esikoleni esithole 100% iSt John Paul II eKwa Mpumuza.

UMs Mnguni unabe ngabanzi ngendlela asebenze ngayo ezethola imiphumela emihle kumatikuketsheni.
“Kahle engangikusho ukuthi ngisebenzisa isikhathi sami esiningi nabafundi, ngifaka amakilasi amaningi nangempelasonto futhi ngiqinisekise ukuthi bakuqonda kahle engubafundisa khona ngoba abafundi abafani ingakho kungisebenzele ukungeza izikhathi zokufunda nangezimpelasonto, Ngeke ngithi kunezingqinamba kodwa njengoba sazi ukuthi abafundi abafani ngakho-ke kukhona abadinga isikhathi esithe xaxa kunabanye ngakho-ke ngibahlukanisa ngamaqembu futhi ngisebenzisa kakhulu isikhathi sami ngisiza abafundi , besengiba namahora ambalwa nomndeni wami ongeseke kakhulu njengoba ngithole imiphumela emihle nabafundi bami base St John Paul II.” kusho uMs S.B.M Mnguni

“Ukukhiqiza imiphumela emihle kudinga ukunikezela njengothisha, uma kuphoqa ukuthi akube namakilasi ngempelasonto, nantambama ngakho-ke makube njalo. Ukuchitha isikhathi esithe xaxa nabafundi kwenza kubelula kubafundi masekufike izikhathi zezivuvinyo ngoba basheshe bakhumbule izinto ebesicijana ngazo ngaphambi kokuba kubhalwe okunye okumqoka ukubanika uthando ngendlela elinganayo kudlala nendima enkulu ekuzinikeleni kwabo masekubhalwa. Ngakho ke ayikho into engithokozisa njengokubona kuphumelela umfundi ophuma kwezami izandla okwenza ngizishaye isifuba kungijabulise kakhulukazi ekwakheni ikusasa lengane yomuntu omnyama ” kuphetha uMs Slindokuhle Mnguni.
Okuhlalukile uMs Slindokuhle Mnguni usebenguthisa ohamba phambili kwi Agricultural Science kwisifunda laseMgungundlovu amahlandla amane kusukula ngonyaka ka 2021 kuzekuba unyaka ka 2024 ukhiqize u 100% ohambisana noDistinstions, lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi izikole ezakhele emakhaya masezinezinsiza njengezikole ezisemadilobheni izinga lokuncintisana nokwanda kolwazi kuzoba seqophelweni eliphezulu njengoba izikole ezakhiwe emphakathini wabantu abamnyama zikhipha abafundi abasezingeni eliphezulu yize kushoda izinsiza kusebenza ezikoleni okubalwa kuzo ama “Science Lab nama Library “.