Igubuzelwe ifu elimnyama indawo yaku Ward 29 eMgungundlovu

Nkosingiphile Ntombela

Indawo yaseCopesville ehlezi kunezigigaba ezinyantsisa igazi seyiphinde kwenzeka umshophi odalwe ugesi womkokotelo njengoba lendawo engezinye ezinganikwe abasemandleni.

Kushone owesifazane ogama lakhe Makhothaletso Moeketsi(20) kanye nengane yakhe uThlomiso Moeketsi(1) emva kokushaywa ugesi okuvela ukuthi intabo ibihlubekile ithinta kuthayela la kufaswe khona ucingo lokuneka. Ugesi ushaye lo wesifazane kade eneka izingubo wathula lapho kwathi nosana lusondela ,lwashayeka lwaphelela khona lapho.

Kulesigameko kulimale nowesilisa ogama lakhe uKopano Molefe ophuthunyiswe esibhedlela esiseduze.

Isithombe : Inkosazana evelelwe umshophi ibulawa ugesi eSwapo uMakhothaletso Moeketsi.

Okunye okuvelile ithimba leBhekiziwe Media likulendawo kuvele ukuthi lobulewe ugesi ubevakashe kubaba wengane ezevelelwa ingozi yokushawa ugesi.Okunye okuvelile emva kwalomshophi ubaba wengane ungenisww esbhedlela emva kokuzwa ukuthi umama wengane yakhe nengane yakhe bashonile,usegumbini labagula kakhulu emva kwalesehlo esimehlele.

Isithombe : uTlhomiso Moeketsi obulawe ugesi eSwapo edume nge Copesville ku Ward 29 eMsunduzi.

Kuzokhumbuleka kulendawo emasontweni adlule kubulewe owesifazane egwazwa abesilisa ebakhuza ngokusebenzisa indlela esivaliwe ukuthi bayisebenzise.Khonamanjalo kulendawo amalunga omphakathi abhikishe avala umgwaqo efuna iziphathimandla ukuba zizobachazela kungani bengayinaki lendawo engenagesi futhi esiphenduke kwampunzi edlemini zonke izinswelaboya zibalekela khona eSwapo.

Isithombe : uKopano Molefe osindile eshokhwa ugesi waphuthunyiswa esibhedlela esiseduzane.

Okunye okuhlalukile umndeni kamufi ucele abangakwazi ukwelula isandla ukuze bakwazi ukuhambisa imzimba eLesotho okuzodinga ukuthi baxhashwe ngokusho osondelene nomndeni ongathandanga ukuthi adalulwe obekubhalwe ebusweni ukwethuka ngenxa yento ayibonile kuhamba abomndeni beshawa ugesi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link