Nkosingiphile Ntombela
Isizwe saKwaMpumuza eMgungundlovu sikethubeni sokuphinda siqophe umlando njengoba sinabantu abasha abahlabahlosile abahlezi bephakamisa lendawo enomlando onothile.Isithakaselwe nayiNdlunkulu yakwa Mpumuza eyokuqokwa kuka Lethokuhle Cele wasesigodini sase Masimini okuyisigodi esingaphansi kweso lika Nduna uZondi okuyindawo engamelwe ubukhosi baKwa Zondi.

Isithombe ; Imininingwane yokuthenga amavoti unga scan nakwi barcode uvotele uLethokuhle Cele noma uthenge usebenzise ibhange ungakhohlwa i Reference Number ethi ”ITSSA22” ukuze lingalahleki ivoti ovotela kulo uLethokuhle Cele.
ULethokule Cele ofunda eNyonithwele Secondary School (Grade 11) uqokwe kumncintiswano omkhulukazi eNingizimu Africa obizwa nge International Teen Supermodel South Africa lapho eqhudelana nezinye zezintokazi ezisencane ezizohlomula njengoba uhlelo lokuvota seluqalile.
Ngakhoke iNkosi K. S Zondi oyiNkosi yesizwe Sakwa Mpumuza ekhuluma nabe Bhekizizwe Media ukuthakasele kakhulu ukubona igama la KwaMpumuza livela kwibalazwe wasenxusa wonke oyisakhamuzi ukuthi aseke uLethokule Cele ukuze ezophumelela “sinxusa wonke oyisakhamuzi sakwa Mpumuza ekusekeni losesimele ukuze sibuye nayo lendondo ngakho ke njengoba seluqalile uhlelo lokuvotisa asimesekeni thina MaMpumuza ukuze izekhaya lendondo ezosibeka kwibalazwe” kusho iNkosi K.S Zondi.
Ukhombise ukuthokoza noLethokuhle Cele ekhuluma nabeBhekizizwe Media ecacisa ngendlela elandelwayo mawuvota “ngizoqala ngibonge ithuba okubalulekile lomncimtiswano angisangenele Mina nje ngo Lethokuhle Cele kodwa sengimele Indawo yangakithi iMpumuza kanye noMgungundlovu njengoba sekuqaliwe okuvotwa ngokuthi uthenge amavoti ulandele ngokuthenga usebenzisa account lekwi post futhi uthenga noma amavoti amangaki, ngiyacela umphakathi ungeseke njengoba kuyisifiso ukuthi nginqobe kulomqhudelwano omkhulu ozongivulela amathuba njengomuntu omusha ” kuphetha uLethokule Cele.

Isithombe ; Lethokuhle Cele osengene kowamanqamu eGoli okuyintokazi esencane yaKwa Mpumuza esigodini sase Masimini
Lomqhudelwano uzoba seGoli lawuqale khona kuhlungwa abangama” Finalist” njengoba sekuqaliwe kuvotwa nosuku lomcimbi lokumemezela onqobile lizomenyezelwa, abe Bhekizizizwe Media bazolushicilela nakwizinkundla zokuxhumana.