Kwethulwe i-Grit App kaGandaganda kowokuqwashisa nge GBV.

Nkosingiphile Ntombela

Inhlangano ebizwa nge Virtual State ibambe ingqungquthela nomphakathi waseMsunduzi kuWard 40 zingu 30 April 2025, lombuthano ubuhambisana nokulwa kokuhlukunyezwa kwabesifazane izingane Kanye nabadala.Inhloso enkulu bekuwukuzoqeqesha nokuphinde kunikwe umphakathi amacebo amasha okulwisana nokuhlukunyezwa kanye nokubhekana mempilo emva kwesigameko sokuhlukunyezwa.

Kuzokhumbuleka ukuthi indawo yaseMgungundlovu isematheni ngamacala athinta ukuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane okubalwa indawo yakaGandaganga njengoba enyangeni edlule kubulawe ngesihlulu owesifazane oneminyaka engu 29, okugcine kuboshwa izinsizwa ezowomakhelwane wakhe uNcami Zuma ongasekho.

Ekhuluma nabezindaba uNksz Nokuthula Lembethe obhekele ezezimali kwi Virtual State unabe kabanzi ngolohlelo abalwenzile bethu ne Grit App yezokupheph emphakathini.

okumqoka sikhethe lomphakathi ngoba semaningi amacala okuhlukumeza enzeka okuyinto esilwa kakhulu nayo eyokuhlukumeza kwabantu besifazane nezingane.Lohlelo lokuvikela lwesikhathi samanje okuyi Grit App etholakala kumafoni (smartphone) uyayi download besuyisebenzisa ngokuthi ungene kuyo uyinyakazise makwenzeka uhlaselwa,emva kwaloko besufonelwa  ukuze kubizwe abosizo lwezokuphepha,okuhle ngale Grit App iveza indawo lawukhona njengoba yenziwe yabasezingeni eliphezulu kakhulukazi njengoba izosiza ekulweni nobugengu” kuphetha uNkszn Nokuthula Lembethe.

 Kulombuthano mezikhona nezinhlaka ezisuka kuhulumeni okubalwa kubo umnyango wosonhlalakahle (DSD) abezempilo (HOH) Kanye nomubutho wamaphoyisa (SAPS) nazo lezinhlaka zithole ithuba lokucija umphakthi ngezindlela zokubhekana nokulwa kokuhlukunyezwa kwabesifazane nokubheka izindlela ezintsha zokulwa kokwanda kwesihlava sokusetshenziswa kwezidakamizwa emphakthini.

Ezinye izinhlaka  ezibambe iqhaza umnyango wezokuthuthukiswa komnotho eKZN (Edtea)Area based management(Msunduzi Minicipality)Incema, War Room,Kanye nabe Seriti institute.

Khonamanjalo uNkszn Nokuthula Lembethe ubesebonga amalunga omphakathi asukumele phezulu ngokuzothamela lohlelo olube impulelelo naqisekisile ukuthi uhlelo oluzoqhubeka minyaka yonke.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link