Zihamba kahle izinhlelo ze-IKhwezi Camp KwaMpumuza.

Nkosingiphile Ntombela

Umkhandlu oholwa iNkosi K.S Zondi izoba nohlelo lwe camp #IkhweziCamp ethinta abafana abaneminyaka ewu 10 kuyaku15. Ibutho elibizwa ngeKhwezi elibuthwe ngonyaka odlule. Kule Camp bazofunda, ngobudoda, umnotho wezwe, social ill, nakho konke okuthinta izimpilo zabo ukuze bakhule babe ngamadoda aqotho. Kuthulwe ngoba kubonakala ukuthi kuyabulala isizwe ukukhulisa amantombazane kwase kuqalwa nohlelo lokukhulisa nabafana. Wonke umzali wakaMpumuza uvumelekile ukuletha ingane yakhe ukuze izoba indoda eqotho.

Isithombe : Umdidiyeli wamabutho Kwa Zulu Natali odumile uPhakelumthakathi ozododisa ibutho elincane KwaMpumuza.

Ekhuluma nabezindaba zeBhekiziwe Media owenhlnhangano ezobamba iqahaza kuloqeqesho lwentsha uMiss Lindiwe Zuma wenhlangano #JusticeForNcami ukhale ngezingqinamba ababhekene nazo yize ekuthokozele ukwesekwa nasekusebenzeni ngokubambisana nendlunluku kulohlelo olumqoka lokwakha intsha yaKwaMpumuza.
“Engakuqinisekisa konke esikuhlelile kumi ngomumo,sikulindele ukuba ingxenye yalohlelo yize izingqinamba esibhekene nazo ukuthi kunezinhlangano ezingenzi nzuzo njengaleyethu esezibhozomela izinhlelo esiziqhubayo kuphinde kubeneqembu lezepplitiki eselibuka izinhlelo zethu njengezeqembu , engakucacisa sizimele mesingeke sakhetha ukuzozethula kubukhosi bakwMpumuza ukuba mesidlelana nezinhlangano, esikubeke phambili ukulwa nezimo eziphazamisa inhlalakahle emphakathini siphinde sibumlomo wokulwela amalungelo abantu.Futhi esingakuqinisekisa ukuthi ziningi izinhlelo umphakathi waseMgungundlovu osazosibona Kuzo silwela inhlalakahle emphakathini esihlala kuyo” kuphe Miss Lindiwe Zuma.

Isithombe : INkosanana uQabukani Zondi wesizwe saMaMpumuza eMgungundlovu

INkosasa yasebukhosini uNkosana Qabukani Zondi unabe kabanzi ethokoziswa nayisasasa lendlela elindelwe ngayo le Camp yebutho elincane.
“Okukuqala ubukhosi bubeka eqhulwini inhlalakahle emphakathini nozinzo endaweni okuyinto emqoka eNdlunkulu.Kuyisithokozisa nokubambisana nezinye izinhlangano ezingenzi nzuzo njenge Justice For Ncami ezolekelela kakhulu ekwakheni izinsizwa ezisencane zibacije ekuziphatheni kahle bangahlukumezi anesifazane , ingakho sogcine silande nomdidiyeli odumile waseMandlalathi uPhakulumthakathi okunguye ozobecija ibutho elincane iKhwezi.Sicela abazali balethe izingane zabo zizoba ingxenye yale Camp eqala mhlaka 02 ngolwesihlanu ebusuku izophethwa ngoMgqibelo kwiMashi ezoba idlulisa ukulwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane KwaMpumuza kuphetha uNkosana Qabukani Zondi.

Isithombe; Amalunga eJustice For Ncami eMgungundlovu
Isithombe : uMiss Lindiwe Zuma wenhlangano I Justice For Ncami eMgungundlovu

Khonamanjalo kwinkulumo eyethulwa iNkosi KS Zondi yadlulisa ukungenami ngendlela igama lendawo lingcola ngenxa yesigameko ezithusayo zokubulawa kwabesifazane endaweni okuyinto ewumhlola eyawukhuza ingako ethe nebutho elincane kumele liqeqeshwe ekuziphatheni endaweni yaKwaMpumuza.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link