Nkosingiphile Ntombela
U Ziyanda Ngcobo oyintatheli ye Bhekizizwe Media uthweswe iziqu i( Degree Of Arts in Intercultural Communication) oNgoye eyaziwa kakhulu nge University Of Zululand. Lomcimbi wokuthweswa kwabafundi iziqu ubungo Lwesine 08 May 2025

Ekhuluma nabezindaba ze Bhekizizwe Media emva kwalomcimbi, ubezwakala ekhuluma ukuthi ujabule kakhulu, unabe kabanzi, ” Okuphambili kakhulu, ngibonga uMama ngokungesekela ngize ngifike kulesisgaba nokuthi isinkwa angipha sona isinkwa saphakade, ukuba akazange angsukumele ngabe angikho la ngikhona manje. Ngyafisa uThixo angigcinele yena ngize ngikwazi ukumjabulisa nami. Kuningi obekwenzeka empilweni yami, kepha bengikushaya indiva ngenhloso yokuthi ngingaphazamiseki endleleni la ebengibheke khona.Futhi ngithanda ukubonga kakhulu iBhekizizwe Media nabaphathi ngokunginika ithuba lokuba ingxenye yethimba layo njengoba kukuningi ozakwethu abangikhombisa khona kulendima yezindaba okuwumsebenzi odinga uwenze ngokukhulu ukuzimisela ngoba uthinta izimpilo zabantu usuku nosuku, engakutshela abantu abasha baKwaMpumuza langikhulele khona ukuthi kuyenzeka noma ngabe uphuma emndenini onganalo igama ngemfundo usangasijika isimo sasekhaya lokho okwenzeke kimi ngikhuthaza nabeza ngemuva kwami ukuthi abasukume bahlome ngemfundo okuyona sikhali okuliwa ngaso makuyiwa empumelelweni” kuphetha uZiyanda Ngcobo

Oyisikhulu esiphezulu kwiBhekizizwe Media uNkosana Percy Zondi uncome kakhulu ukuzimisela kukaZiyanda nokuba bukhali ekubambeni izinto mekusetshenzwa njengoba esengezinye zezintatheli iBhekiziziwe egadla ngayo ezindabeni ezisuke zisematheni kakhulukazi ezinkantolo nasemphakathini eMgungundlovu “Kuyangithokozisa ukuthi kwiBhekizizwe sibenomsebenzi onguZiyanda okhombisa okukhulu ukukhula nokuhlakani anakho okuyisiza kakhulu iBhekizizwe njengoba esebenza ngokukhulu ukuzimisela, futhi siyethemba ukuthi ulwazi esimnika lona, lozomdayisa kakhulu abe womunye wosaziwayo abavuthiwe kulendima.Ngijabuliswa ukuthi lokhu kubeka iMpumuza kwibalazwe njengoba kukendawo imfundo kusona sikhali esihlezi siyiseka siyiBhekizizwe ingakho siziqhenya ngokuba noZiyanda osegogode ngeBarchelor of Arts in Intercultural Communication.Simfisela konke okuhle njengoba sizimisele ukumeseka noma ngabe uyakuphi noma esefisa ukukhula kulendima izibusiso ozithola simenaye njengoba ekhombisa ukuba nekusasa eliqhakazile “ kuphetha u Percy Zondi
Khonamanjalo ukugogoda kukaZiyanda kuthinte neNkosi yesizwe saMaMpumuza uNkosi KS Zondi okuyinkosi eyaziwa kakhulu ngokuqhakambisa imfundo esizweni sayo,iNkosi K.S Zondi kwistatimende asithumele ehalalisela uZiyanda Ngcobo ubalule elokuqala ngokuba nephupho mawumuntu omusha besusebenzela ekulifezeni ngokusenza ngokuzikhandla “ Njengesizwe saMaMpumuza sithokoze kakhulu mekuphinda liphakama igama lendawo njengoba kwaziwa lendawo idume ngezilole ezaziwayo ngokuphasa kahle , njengoba esegogodile uZiyanda kusho ukuthi amaMpumuza eminyakeni engeminingi kusuka manje azohlonishwa ngokwanda kwezifundiswa ezobuya zothuthukisa lendawo ngolwazi ezinalo eziluthole emazingeni aphakeme,simfisela konke okuhle uZiyanda siyiMTC nendlunkulu ngamagalelo amahle okuthola iziqu okuyinto enhle esiyitusayo nesihlezi siyibeka phambili kubantu abasha besizwe saKwaMpumuza “ .