Ukuhlela ukhetho kwiqembu leNkatha Freedom Party kuyinto abayibeka eqhulwini njengeqembu uma behlela ngokusho kuka-Mengameli UMnu V Hlabisa.
Ekhuluma kwiziko labezindaba uMnu Velenkosini Hlabisa unabe kabanzi ngokuhleleka uma bezoya okhethweni.

Isithombe : uMengameli weqembu Inkatha Freedom Party othi unethemba lokuhlwitha isifundazwe saKwaZulu-Natal kulokhetho oluzayo
“Sihlela izinketho ezintathu sizenze ukhetho olulodwa. Ngenkathi sishayeka 2011 kuhlubuka iNFP sasala nomasipala ababili Ulundi noMsinga. 2012 yimi enganikwa umsebenzi wokuhola ithimba lokwakha amasu okuvuka la siwe khona. Sahlela ukhetho lwa 2014, 2016 no 2019. Umehluko siwubonile noma sehla 2014 kodwa ngo2016 sabuya nomasipala abawu 13.” Kusho uHlabisa. “Siphinde sahlela u 2021, 2024 to 2029. Kusukela ku 2021 sibuyise inqwaba yomasipala eKZN sahlwitha 15 wamawards ku ANC eKZN. Kulolu khetho sibuyisa iKZN kumnyama kubomvu. Siyakhula futhi eGauteng, North West, Free State naseMpumalanga. Kwizwe lonke sifuna ukuza nezihlalo eziningi impela ukuze sibe nezwi eliqinile bese kuthi eGauteng singene shi nakwi executive.” kuphetha uVelenkosini Hlabisa.
Njengoba seziqalile ukubalwa izinsuku zokhetho oluzoba mhlaka 29 May 2024 okuwukhetho lokuqala oluneqwaba yamaqembu amasha azobe ebheke ukuvotelwa.