IsiShayamthetho saKwaZulu-Natal ekugubheni iminyaka engamashumi amathathu iNingizimu Africa inkwintando yeningi siqhube ukuzinikela kwaso ngokuhamba kuyokhuthaza ukwenza kahle eZithabeni High School lapho sinikele khona ngomfaniswano engu 50 nefenisha yamahhovisi. Siphinde senza i-pop quiz nabafundi lapho imiklomelo ifaka ama Tablet e-Samsung 7 nezinye izinto eziningi ezinhle.

Kuphinde kwahlomula neZamazisa Primary School lapho benikele khona ngomfaniswano owu-50 yesikole kanye nefenisha yamahhovisi.



Lomkhankaso uyaqhubeka ngokohlelo kwesishayamthetho njengoba bezohambela izindawo kukhuthazwa imfundo nokwenza kahle ezikoleni zaKwa Zulu-Natali