Umkhankaso wokhetho lukazwelonke njengoba sekubalwa izinsuku kusinda kwehlela amaqembu ezepolitiki agcwele izinkalo anxenxa amavoti.

Yize bekuwusuku azalwa ngalo uMengameli Jacob Zuma kodwa zonke izinkalo amalunga e-MK aphume ngobuningi ukuzonxenza amavoti njengoba selusondele ukhetho olungo mhlaka 29 Meyi 2024.


Isithombe : Amalunga oMkhonto Wesizwe Party ababuthane eSweatwaters Taxi Rank eMgungundlovu.
Namuhla Sweetwaters iqembu elesekwa owayenguMengameli wezwe eNingizimu Africa uMnu Jacob Zuma iqembu aphumela obala ngokweleseka uMkhonto Wesizwe Party ifike kwanganyakaza lutho Sweetwaters Taxi Rank namuhla izoqhuba Umkhankaso wokhetho lukazwelonke.
Okuhlalukile kulomkhankaso mekuphuke izinkumbi zabalandeli beqembu loMkhonto Wesizwe Party.
Ukuphuma kwabalandeli ngobuningi balo bezokhankasa kuqinisekisa ukwesekwa kwakenhlangano ekhula ngesivinini esinamalunga ayizigidi eNingizimu Africa okuwumlando ongakaze uqoshwe nayelilodwa lamaqembu aseke asungulwa.
Amalunga abekhona kulomkhankaso athe “sizokhombisa ukuthi siyi MK sikhona futhi noma sinalo uvalo kodwa lokhetho sizowina sizimisele ukuthi baseseke nabantu base PMB bavotele iMK okuyinhlangano yabantu” kusho izinkumbi zabalandeli abebebhiyoza kukhona nezithuthuthu ebezidlalwa zabalandeli boMkhonto Wesizwe Party.