Bakhala ngembibizane yomphakathi abaziqalele  ibhizinisi lezolimo eNkandla

Nkosingiphile Ntombela

Abantu abasha abangamalunga omfelandawonye iZincinze Cooperative bakhala esikaNandi njengoba bephucwe iqatha emlomeni abaziphilisa ngalo eKing Cetshwayo lapho betshala khona ukuze baxoshe ikati eziko.

Elandisa abezindaba zeBhekizizwe Media ongamele iZincinze unabe kabanzi ngosizi ababhekene nalo.

Isithombe; Amalunga eZincinze Coorperative behlola amaklabishi abawatshalile ukuze baxoshe ukwentuleka komsebenzi baphinde bazithuthukise beyintsha ENkandla.

Singabafana abayishumi  abahlangene kwiZincinze abanye basafunda  iskole siziphilisa ngakho ukulima ngoba vele into eyenziwayo emakhaya kuthena ekuhambeni kweskhathi kwavela amacala okungenelwa kwemizi yabantu la emphakathini namaqoqo abafana abahlala emgwaqeni bebhema izidakamizwa balandwa behlezi beshawa emganini yezinduna kuthina akufikanga kahle lokho ngoba kwathi sikhule khona la asikaze sibe nazigameko zezidakamidwa. Sasesithatha isinqumo sokuthi asiqoqane nalabafana sibone kungenziwa njani kwasho ukuthi kulezinsuku  bekungenisele abasuthu  abathenga izimbomgolo endaweni saqoqana nabo saba ngu 10 saqoqa izimbongolo wafika umsuthu wazithenga sahamba sacela indawo komunye usisi onensimu enkulu engalinywa wathi akanankinga nendawo kodwa asizame ukuzizamela amanzi simgezi ngala wa omphakathi.

“Nangempela sathatha lemali yethu sathenga amapayipi  ayisihlanu sathenga nenjini ka Gesi saboleka ithanki komunye ubaba olimayo wasinika noma livuza sazama ukuliphesha sahambisa ngalo kanti kuzofika ikhansela libone umsebenzi wethu lasipha ithanko elinye.Zaqalake izinkulumo zokuthi umphakathi awnawo amanzi aphelele engadini ayivalwe lengadi kwasthusa nalokho.Sathi sizwa sekuqhamuka isnqumo esithi kuthiwa asikhiphe ipayipi la esidonse amanzi ligashon Ilanga ngempela sakwenza lakho sahlala izitshalo zichelwa kwangathi indaba iyakhulunywa saxhuma futhi sabizwa emganini induna nekomidi kwangathi indaba iyaphola kanti izingcingo sezingena ku losisi osinike indawo izolo lokhu bekuthiwa asivale lengadi sithuthe”kuphetha ongamele iZincinze okhale nangendlela abahlukumezeke ngayo ilesimo ababhekene naso eNkandla esigodini saKwaNxamalala.

Isithombe: Amalunga eZincinze Coorprerative ayalelwe ukuba avale ingadi ebihlose ukuthi bazithuthukise beyitsha yaseNkandla KwaNxamalala.

Khonamanjalo lodaba lusawathusile amalunga eZincinze Coorperative njengoba kuyindlela yokuthi abantu abasha bazikhandele amathuba omsebenzi njengoba isimo somnotho wezwe usabhekene nengwadla yokusweleka komusebenzi kakhulukazi kubantu abasha.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link