Nkosingiphile Ntombela
INkosi yaKwa Mpumuza ibimatasa ngeSonto zingu 14 kuMeyi 2024 yethula izinduna ezigodini ezimbili njengoba esigodini saseMpushini induna eyayiphethe khona yesula kanti esigodini saseMbucwane induna yakhona yedlula emhlabeni. INkosi KS Zondi ethula izinduna ubeke izinto ezimqoka ezenza umsebenzi wokuba induna ubimpumelelo.

Isithombe : Amalunga omphakathi abephume ngobuningi bawo ukuzozwa kuqokwa izinduna endaweni.
Amaphuzu amqoka ethulwe iNkosi KS Zondi lapho egcizelele kabanzi ukubaluleka kokubambisana nokuhloniphana kubaholi endaweni kakhulukazi ezinhlakeni eziphethwe umphakathi.
*Induna kumele isebenzisane namakhansela ukuze ukulethwa kwezidingo kubantu zihambe kahle futhi kubenozinzo induna iwahloniphe amakhansela,
*Induna iwumlomo wasendlunkulu ngaloko futhi ayinawo amandla okuvimba abantu ukuthi beze eNdlunkulu bezobona iNkosi makunodaba abafuna ukulidlulisa,
*Isakhamuzi esakhe kulendawo sinelungelo lokuzobheka iNkosi,
*Ayivumelekile induna ezokwenza izinto ezozitholisa inzuzo isebenzisa igama laseNdlunkulu”.
* Okubalulekile ukwethembeka nokuba qotho ngoba induna eyenza kahle umsebenzi wayo izakhela ugazi nasemphakathini yenze nomsebenzi waseNdlunkulu ubelula”kuphetha INkosi KS Zondi.

Isithombe : Amalunga omphakathi abephume ngobuningi ukuzothamela umhlangano eMpushini
Esgodini sase Mpushini uMnu Sfiso Qwabe uye owethulwe ukuba abe yinduna yesgodi saseMpushini okuqhume elikhulu ihlombe bekhombisa injabulo yokuthakasela ukuphakamiswa kwegama lakhe okuze kwanesasasa kwayonconywa kwinkundla zokuxhumana zeBhekizizwe Media Facebook page ngesikhathi yethula udaba loseqokiwe uMnu Sfiso Qwabe, kanti esigodini eMbucwane kuphakanyiswe uMnu Thobani Mthalane oseyinduna yesgodi yize noma bejabulile abanye kodwa kubenedlanzana elikhombise ukungenami kodwa ngenxa yemisebenzi emihle ayenzayo endaweni ikona okuqinise idolo amalunga abegcwele phama ukuzozwa asebhekwe ngubani esigodini.

Isithombe : Induna Yesigodi iMpushini uMnu Sfiso Qwabel

Isithombe : Induna yesgodi saseMbucwane uMnu Thobani Mthalane
Khonamanjalo okusemqoka kubekwa kwalobuholi kuwukwenza indawo engamelwe iMpumuza Traditional Counsil kubindawo eqhubekela phambili nezinhlelo ezizobeka phambili inhalakahle emphakathini.