Abazobhozomela izikhundla bakhunjuzwe ukuthi ababuyele kwi ANC

Lowo owayengumengameli waseNingizimu Afrika uJacob Zuma ufunde isenzo sezidubedube kumalungu eMK Party alwela izikhundla. UZuma utshele amalunga e MK kumhlangano obuseThekwini ngoMsombuluko ukuthi zonke izakhiwo zeqembu zesikhashana kanti ubuholi busebenzisa ukuqonda kwabo ukuqoka abantu. Uthe ukuthole kungajwayelekile ukuthi abanye abaholi bazama ukumelana uma becelwa ukuba bashenxe ukuze abanye bahole.

Isithombe : UMengameli Jacob Zuma osemenyezelwe ngokusemthethweni ozohola uMkhonto Wesizwe Party okhethweni olungenyanga ezayo zingu 29 May 2024.

Ngokwamaminithi omhlangano uZuma uthe amalungu eMK ezikhundleni asabambe iskhashana laba abafuna ukuzomosha enhlanganweni babhozomele izikhundla abahambe bayekwi ANC bayokwenza loko ngoba lakwi MK akekho ozogoloza nezikhundla kuzonikwa abanye ithuba lokuthi baphathe.

Khonamanjalo abakwa Independence Electoral Commission bamemezele ngokusemthethweni ukuthi uMengameli Jacob Zuma nguye osengumholi weMK okusho ukuthi bayaqinisekisa ukuthi nguye ozoba kwi “Ballot Paper” njengoba isiholwa nguye lenhlangano yoMkhonto Wesizwe Party.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link