Ukungabhekelelwa nokuthwala kanzima kwamaciko Kwa Zulu Natali sekuwenze agcina ephumela obala ngamaqembu awesekayo njengoba kubhekwe okhethweni mhlaka 29 May 2024.
Owahlukanisa unyaka emsakazweni omkhulukazi uKhozi FM uDj Hlo waseThekwini uthuse abaningi evembuka nesikhundla kwiqembu eliholwa uMnu Jacob Zuma uMkhonto Wesizwe Party.

lezobuciko kuMkhonto Wesizwe Party
Ekhuluma nabezindaba loDj othandwa kakhulu eThekwini uthe “kuzokhumbuleka ngihambe kakhulu ne ANC ngethemba lokuthi zobhekeleleka njengoDj wokuqala wesifazane owahlukanisa unyaka kodwa konke lokho akwenzekanga ngafaka nezicelo emnyangweni ngihlose ukukhulisa abanye abantu abesifazane endimeni kodwa izicelo zashawa indiva, okunye masekuqashweni emcimbini kahulumeni azange ngilithole nalelo thuba” kusho Dj Hlo.

Kumaciko aseyingamalunga eMK akuyena yedwa Dj Hlo osephumele obala ngokweseka leqembu kukhona noZuluboy oseqhoqhobele izintambo kuhlaka lwamaciko ngaphansi kwe MK.

Ekhuluma kwanezindaba umholi weMK Creative Council eKZN, uMxolisi “Zuluboy” Majozi ukuqinisekisile ukujutshwa kukaDJ Hlo ezinhlakeni zeMK Party.
“UDJ Hlo umele umkhandlu wamaciko angaphansi kweMK Party kwiMK Women’s League nakwiMK Youth League,” kulandisa uZuluboy oyiciko elingaconsi phansi kubantu baseNingizimu Africa.
Khonamanjalo sekusele izinsuku ezingamashuni amane kuyiwe okhethweni lukazwelonke.