Kukhalwa ngezinswelaboya ezizenza amaphoyisa eMgungundlovu

Amaphoyisa ase Alexandra police station eMgungundlovu aphenya icala lokubamba inkunzi kulandela ukuthi komunye umuzi kungene amadoda amane nowesifazane oyedwa begqoke umfaniswano wamaphoyisa ebusuku ngehora leshumi nanye.

Ngokusho kwelunga lomndeni ebelisethukile likhale ngokuthi sebehlalela ovalweni. “bangenene befake umfaniswano amaphoyisa basivalela sonke ekamelweni umndeni elilodwa bathi uma umndeni singezona izigebengu asilethe amaphone wonke bawabheke bathe sebebanikile bathatha imali ewu 7500 ebeyisendlini bathe besuka bavula ifridge bashisa inyama yonke badla baphuza ne drink,yilapho esibone khona ukuth sengathi yizigebengu lezi,bathi sebehamba bathatha imoto bashaya bachitha. Basivalele amahora ayisihlanu njengoba beze bahamba ngehora lesine ekuseni” kulandisa owomndeni okhale ngokuthi noma besaba kodwa mekubuye imoto zibanjwe izigilamkhuba isona sifiso sabo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link