Izingginamba azilivimbanga iciko laseMkangala KwaMpumuza elizokwethula ifilimu “Ihlathi Legazi”

Nkosingiphile Ntombela

Ubuciko nokusebenza ngobuciko ezinye zemikhakha ebeka izindawo kwibalazwe kodwa lokho kubukeka kusabhekene nengwadla emphakathini esemakhaya njengoba amaciko engalitholi ithuba elanele loluzibonakalisa kakhulukazi nasekuqashweni makunemcimbi yemikhandlu nohulumeni.


Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media umlingisi ophinde abe ngumculi uZakwe LOL uchaze kabanzi ngezingqinamba ababhekene nazo beyimaciko eMgungundlovu.
Lensizwa engeyokuzalwa KwaMpumuza igama layo Zephried Buhlebuyeza Zakwe ukewadlala kwimidlalo kamabonakude emkhulu udlale kwiDurbann Gen, nakwi The Wife njengamanje usedlala kumdlalo ohamba phambili eNingizimu Africa ngezibukeli ku SABC 1 Uzalo, ungu Detective lomlingisi ongumakade ebona kwezikaqedisizingu Zakwe LOL wase Mkangala ngaphansi kwenduna uMakhaye.

Isithombe : uZephrein Zakwe waseMgungundlovu Kwa Mpumuza esigodini saseMkangala

“Njengoba ngikade ngabakhona kwezikaqedisizungu yinye kuphela intengiphula umoya ukuthi sizithole sithola ithuba ngaphandle sixhaswe kodwa lasizalelwa khona samaciko asilutholi uxhaso mekunemcimbi yomkhandlu noma ekahulumeni noma nje sinikwe ithuba lokuzosula isiteji singakujabulela lokho nathi sijabulise abantu bangakithi noma sinikwe okuyimasenti nathi ukuze sixhase imndeni yethu njengoba ukuba iciko kumele ukwazi nokuthi uxhase umndeni ukuze ungaphelelwa umdlandla” kulandisa uZakwe LOL.

Isithombe : Usezovela kuZalo oludlala kuSABC 1 uZephreid Zakwe

Okuhlalukile iNkosi yesizwe saKwaMpumuza iNkosi KS Zondi ukuthokozele kakhulu ukukhula kwaleciko lasendaweni. “Siwubukhosi sikweseka kakhulu ukuthuthuka kwabantu abasha kuyoyonke ebeka indawo yethu kwibalazwe ingako sizowaseka ngokusemandleni amaciko okuyiwo abeka indawo emlandweni ngakoke kuyasithokozisa kakhulu masibona abakhona lendaweni sibabuka kumabonakude okuyinto esishayela kakhulu ihlombe”.

Isithombe: Ifilimu “Ihlathi Legazi” ezokwethulwa ngo June 07 ngenyanga ezayo enamaciko aKwa Mpumuza.

Khonamanjalo yize kunezingqinamba kodwa uZakwe LOL uphinde wethula izindaba ezinhle ezokufukula abantu abasha endaweni njengoba kumanje ezothula ifilimu eqoshwe khona KwaMpumuza.
“Sizokwethula ifilimu esihloko sithi” Ihlathi Legazi” siyiqophe nabantu abasha basendaweni nabanye abamnkantshubovu kwezamafilimu, inhloso ngalefilimu ukuzoqwashisa abantu iphinde ifundise ngempilo esiphilwa manje engokuthokozela uma bonke abantu bangakithi KwaMpumuza sibonane nabo mhlaka 07 June 2024 njengoba eseqalile amathikithi ukukudayisa ” kuphetha uZakwe LOL.
Lensizwa yaseMkangala ungayilandela kwizinkundla zokuxhumana zonke ngegama elithi” Zakwe LOL”.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link