Nkosingiphile Ntombela
Ubeyimpumelelo umcimbi wokubonga kuphinde kukhuthazwe abenza kahle eMsimude High School okuyisikole esingaphansi kobukhosi bakwa Mpumuza.
Lesikole esikendaweni yase Sweetwaters esingezinye esenza kahle kumatikutsheni. Namuhla umkhandlu ongamele isikole kanye nesigungu sabazali (School Governing Body) mebehlele umcimbi obusezingeni eliphezulu obuthanyelwe nayiNkosi K. S Zondi, Induna Ndlovu, UMhloli SMG Zulu ongamele Edendale Circuit kanye nosihlalo wesigungu esiphethe isikole uMnu Percy Zondi.
Ekhuluma nabethimba lezindaba kwi Bhekiziwe Media uThishomkhulu ongamele uMsimude High School obechichima injabulo “Ngibonga kakhulu kothisha okuyibo abenza lomsebenzi wokuthi sibenezingane ezenza kahle, ngibonge kakhulu nakwi SGB ebihlela lama” Awards” azokhuthaza abafundi abahlomulile kuwona nanokuthi engakudlulisa emphakathini ngicela lesikole sigadwe yiwo njengoba sakha abantu abasha abazoba ikusasa lale ndawo yaKwa Mpumuza, ngibonga kakhulu nakwi Bhekizizwe Media ebenegalelo ekutheni lolusuku lubimpumelelo” kuphetha uMnu Duma.


Kusihambeli sosuku esifike sanaba kabanzi ngokubaluleka kwemfundo okunguMhloli Ongamele Edendale uthe “ngyathokoza ukumenywa ohlelweni olunjengalolu lokuhlomulisa abenze kahle ngyathokoza ukuthi konke okuyisa imfundo phambili kuyaqhakambiswa kulendawo kodwa ukukhathazeka kwami ukwehla kwezinga lokuphaswa kwesifundo izibalo engethembayo kulonyaka kulesiyingi engisiphethe sizonyuka isibalo” kunaba UMhloli S.G.M Zulu.
Lomcimbi wokukhuthaza uphinde uphakamise labo abenza kahle kulesikole akuhlomulanga abafundi bodwa njengoba isigungu esilawula isikole sibene “Award” ekhethekile kathisha owenza kahle kakhulu osebenza ngokuzinikela.
Umnu Percy Zondi onguSihlalo wesigungu esilawula isikole nguye obethula lendondo uthe “lesitifiketi esizonikezela ngaso manje sithe mesihlala sabona kungekuhle ukuthi mekukhona owenza kahle esikoleni kakhulukazi osebenza ngokuzinikela engabheke nzuzo kubashaya umxhwele ngemiphumela ngaphansi kwesifundo zakhe kakhulu uMiss T Mbokazi”. Ukuthola kwalezitifiketi kubafundi baseMsimude High kufaka inselelo makwabanye abafundi ukuthi benzekahle okuyinto ebibekwa phambili kuqhubeka uhlelo kwama “Awards” ababanjelwe khona esikoleni namuhla.

Khonamanjalo iNkosi K.S Zondi ongamele ubukhosi baKwaMpumuza kwi Mpumuza Traditional Counsil ushaye ikhwelo kubafundi ekuzinikeleni ekufundeni nasekuzinikeleni mebenza umsebenzi wesilole “Bafundi njengoba nifunda kulesikole niyithemba lekusasa lalendawo futhi manizongazihlanganisi nezidakamizwa lezi ezimosha ikusasa lomuntu omusha nizophumelela, ngibonga nothisha abakhetha ukuzofundisa kulendawo yakithi ukuzinikela kwabo kusho lukhulu ekuphakamiseni lendawo siyabonga kakhulu ngemisebenzi emihle eniwenzayo nifukula isizwe” kunaba iNkosi K.S Zondi.
INkosi KS Zondi iphinde yacela ukuthi umphakathi uzinakekele izikole kubiwona ogada okungalungile okwenzeka emagcekeni esikole ungahambeli kude uzibike izinto ezenzeka emagcekeni eziphazamisa ukusebenza kwezikole KwaMpumuza.