Nkosingiphile Ntombela
Ukungaqashwa nokungahambisi ngendlela makuqashwa eMnyangweni ezinye zezinto ezihamba phambili kubahlengikazi abakhethe ukuzoqhinqa ezindlini zomnyango eMgungundlovu eNatalia Building.

Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media UNksz Buyiswa Mkhovane uchaze kabanzi ngendlela abaphatheke kabi ngayo njengoba benganakiwe bengabahlengikazi esifundazweni saKwa Zulu Natali “Sizothumela umyalezo ocacile ngoba sathumela izikhalazo ngenyanga edlule kuze kube imanje asikaze siphendulwe, kumanje kunabahlengikazi abangakaze baqashwe osekuyiminyaka eyishumi nanhlanu bengasebenzi, ingako sithi sicela umnyango wezempilo ungayibheki iminyaka yabahlengikazi masekuqashwa ngoba iminyaka esihlalwe emakhaya miningi kangangoba silapha nje asinayo lemali efunwa iqeqebana elithize khona emnyangweni elinenkohlakalo njengoba kwanda namahemuhemu okugwazisa ngesamba sika 30,000 kuyaku 40,000 okuyimali enkulu futhi nokuwukhwababisa lokho ngoba awukaze udayiswe umsebenzi.

Okuhlalukile ukuthi njengoba bezobhikisha abahlengikazi bathe bazohlala eNatalia Building angeke bahambe bengazitholi izimpendulo zokuthi bazoya kosebenzela kuphi njengoba sekufike lapho bangeke besakwazi ukulinda, badinga umsebenzi ukuze banakekele imndeni yabo.
Kuze kwashaya ihora lesikhombisa kusihlwa bengakoziphenduli izikhalazo zabahlengikazi abangaqashiwe abagcwele kwisakhiwo soMnyango Wezempilo eMgungundlovu.