Nkosingiphile Ntombela
INkosi Phathisizwe Luthuli Foundation ngomhlaka 11 Meyi ngeSonto ibinombhikisho olwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane, ukwanda kokusetshenziswa kwezidakamizwa kanye nobugebengu endaweni yaseMaThulini eMnini.
Ekhuluma kwisithangami sabezinzaba unabe kabanzi ngeqhaza elidlalwa ubukhosi ekulweni nezidakamizwa uNdabezitha iNkosi P Luthuli “inhloso yalombhikisho ukulwisana nokusatshalaliswa kwezidakamizwa endaweni yaseMnini njengoba sibumba isizwe izidakamizwa izona ezisibuyisela emeva, kunamacala asekhombisa ukungalawuleki njengoba silwa nokuthi akumele kusetshenziswe izikole njengendawo abashushumbisa kuyo izidakamiswa, okubaluleke kakhulu ukuzolwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane ingakho sibize nabefundisi ukuze kuzokhulekwa sikhulekele nezinkinga ezibhekene nendawo yaseMnini ” kuphetha iNkosi P. Luthuli.

Okuhlalukile ekhuluma nabezindaba iNkosi P Luthuli ikhale ngokukhathazeka kokuba kude kweziteshi zamaphoyisa okubalwa kuso Umkomaas Saps kanye neManzimtoti othe kuzokhumbuleka zakhiwa ngesikhathi kusaphethe uhulumeni omdala akufisayo ukuthi naseMnini kungaba kuhle sibekhona isiteshi samaphoyisa ukuze kusheshe ekulweni nobugebengu endaweni okuyinto abayibeka phambili ekuphepheni kwesizwe eMnini.

Khonamanjalo onguSihlalo woMkomaas Saps uNkkz Gloria Gumede ushaye ikhwelo enxenxa izakhamuzi ekutheni azisukume zibike mekukhona ubugebengu okubhona zisebenzise izinhlaka zikahulumeni ekulweni nasekuqedeni ubugebengu nokuhlukunyezwa kwenzingane abesifazane emphakathini waseMnini.



Lolu uhlelo obeludidiyelwe ngusihlalo weNkosi Phathisizwe Foundation uMnu Lungani Makhathini obonge bonke ababambe iqhaza ekusekeni iNkosi Phathisizwe Foundation.
“Siyabonga kakhulu kwabalule isandla besiza ukuze losuku lubimpumelelo njengoba iNkosi Phathisizwe Foundation ibeka phambili isizwe saseMnini, sibonga kakhulu umkhandlu weTheku nakwihhovisi lameya yeTheku,Umnini Traditional Counsil,Umnyango wezokuthuthukiswa komphakathi,umnyango wezokuphepha eThekwini,umnyango wezokuphepha nezokuxhumana kwisifundazwe ,abafundisi,umnyango wezemfundo,umnyango wezempilo, iNkosi P Luthuli kanye nabakwa Sanca, sibonga kakhulu ngeqhaza abalidlalile ekwenzeni losuku lubimpumelelo.Sibonga amalungu omphakathi adele konke azoseka kakhulukazi ekulweni nezidakamizwa, ukuhlunyezwa kwabesifazane nezingane okuyinto eyisihlava esibi esizolwa nayo njengeNkosi Phathisizwe Foundation “ kusho uSihlalo weNkosi Phathisizwe Foundation Mnu Lungani Makhathini.