Nkosingiphile Ntombela
Umkhandlu wabefundisi iMpumuza Pastor Association ibambe umkhuleko wokhetho ngempumelelo yize amaqembu ezepolitiki amanye engabanga ingxenye yalomkhuleko obubanjelwe EMasimini Hall ngomhlaka 10 Meyi ngoMgqibelo.
Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media uBishop Nzimande unabe kabanzi wazwakalisa nokudumala kokungafiki kwamaqembu ezepolitiki ebelindelwe ekuzothameleni umkhuleko wokhetho “Umkhuleko ubimpumelelo sibonga kakhulu kumkhandlu waKwaMpumuza ngokuthamela lenkonzo, amabandla nabefundisi sibonga kakhulu nakwiqembu leNkatha Freedom Party neqembu loMkhonto Wesizwe Party ababeyingxenye yemkhuleko, okusidumazile kakhulu ukungabikhona kobevela kwi African National Congress yize sambhalela uSomlomo waseMsunduzi noyikhansela kwiwadi samazisa kodwa kubisthombe esingesihle njengoba mesizokhuleka simunye ukuze kubenokhetho olunokuthula, ngakhoke sibonga kakhulu kwabadele konke bazoba nathi kulomkhuleko obaluleke kakhulu esizweni sakwa Mpumuza” kuphetha Bishop Nzimande.

Lenkonzo ibithanyelwe iNkosi K.S Zondi kanti obeyisikhulumi esiqavile kube uReverend X Nkosi (uThishomkhulu waseUnion Bible Intinstute ) kumkhuleko wokhetho lukazwelonke oluzoba ngomhlaka 29 Meyi 2024 kulenyanga.
Mhlonishwa Mnu SR Ntuli ( ikhansela laku Ward2 ) obemele Inkatha Freedom Party – IFP. Iqembu loMkhonto Wesizwe Party belimelwe uMnu S Mtshali oyilungu le Sub- region yase Msunduzi abafike bashaya ikhwelo loxolo nokubekezelelana njengoba kuyiwa okhethweni lukazwelonke.