Nkosingiphile Ntombela
Umnyango wezemfundo usembhidlangweni wokuqeda ngezikole ezakhiwa ngezikhathi zobandlululo ezazingekho ezingeni lokufundela abafundi kakhulukazi ezindaweni zasemakhaya.


Kubintokozo kwizakhamuzi ebezigcwele phama emcimbini wokuzokwethulwa kwesikole uMgayi Primary School okuwumcimbi uhlelo beluphethwe ngobuyoninco ngu Advocate M. B Masuku ngomhlaka 17 KuNhlaba Kwa Mgaye eNingizimu NoGu lwesifundazwe saKwaZulu-Natal.
Izethameli zomcimbi wokwethulwa lesikole zamukelwe nguSekela Meya wasifunda uGu uKhansela M.V Chiya othe “ukuzibophezela kukahulumeni ekwakheni izingqalasizinda ezinye zezinto eziseqhulwini njengoba namuhla kwethulwa lesikole sikanokusho esisezingeni lezikole ezisemadolobheni,ngiyawubongela lomphakathi waKwa Mgayi kodwa ngicela nisiphathe kahle lesikole nisinakekele ngoba esenu isona ezokhanda abaholi bakusasa”.

Lesikole esakhiwe ngo 58 millions uMgayi Primary School sivulwe ngokusemthethweni uMs Mbali C Fraser ongu MEC Wezemfundo KwaZulu-Natal.
Ethula inkulumo uMs Mbali C Fraser unabe kabanzi ngemisebenzi eyenziwe uhulumeni oholwa iqembu le African National Congress kuleminyaka engamashumi amathathu iphethe “Siwuhulumeni waKwaZulu Natali sizimisele ukuqeda ngezikole ezingekho ezingeni lokufundela izingane ingakho sakhetha ukuzokwakha uMgai Primary School okungewona wodwa ziningi esesizakhile, lesikole sinamagumbi ayishumi nesithupha, ikhishi, Indlu kanogada, izindlu zangasese, igumbi lezobuchwepheshe besimanje kanye nothango olezingeni lwesimanje ukuze kuphephe esikole konke lokhu uhulumeni usebenzise imali engango 58 millions, lobukhazikhazi enibubona manje bazali kusayisigaba sokuqala kuseza sesibili lapho sizofaka khona amakhompuyutha kanye kanye nakho konke obusetshenziswa ekuthuthukiseni ulwazi enganeni yomuntu omnyana loko sizokufaka kwisigaba sesibili, inhloso ngqangi Siwuhulumeni sizokwenza izikole zibe ama “smarts school” njengoba nawo uMgayi Primary School uzoba uhlobo lwesikole sisebenza ngobuchwepheshe besimanje endaweni yasemakhaya.” Kusho uMEC Ms Mbali C Fraser wezemfundo KwaZulu-Natali.

Khonamanjalo esekhuluma nabezindaba uMEC Ms Mbali Frazer uqhubeke wanaba kabanzi ngamathuba omsebenzi nangezinye zezinhlelo abaphezu kwazo bewuhulumeni wathi” Amathuba omsebenzi akhona kodwa Umnyango wezemfundo othisha balezifundo ezimqoka okuyibo esibadinga kakhulu bonke sebeqashiwe sishoda ngabo kodwa esingakuqinisekisa kulemnyaka emihlanu ezayo uhulumeni oholwa uMengameli Cryil Ramaphosa uzovula amathuba angu 3,5 millions eNingizimu Africa, okubalwa ukwakhiwa kabusha kwezikhungo emphakathini, ukuthuthukiswa kwamabhizinisi asezindaweni zasemakhaya nasemalokishini ukuze umnotho wezwe ukhule ngaphansi kahulumeni wabantu oholwa iqembu le African National Congress”.

Okuhlalukile Kulomcimbi uKhansela Lungisani Cele naye wenze isiphakamiso sokuthi uyacela kubhekelelwe nezinye zezikole ezakhele indawo ayiphethe kaMgai okuyikole ezenza kahle kwisifundazwe ngokuthola imiphumela emihle iminyaka ilandelana okuGobume High School ethole 100% kumiphumela ka 2023 kanye neThembuzulu High School nayo ethole 100% athe uKhansela uyafisa ukuzibona lezikole zinakekelwa zikhandwa zibezesimanje kanye nezinye ezikumabanga aphansi, ngakho uKhansela ubonge kakhulu uNgqongqoshe wezemfundo wasenxenxa izakhamuzi ukuthi njengoba sezibonile uhulumeni osebenzela abantu ezimisele ukuthuthukisa indawo ucela baphume ngobuningi babo bayovota mhlaka 29 kuNhlaba.

Ongusihlalo womkhandlu olawula ukuphathwa kwesikole uMgayi Primary School uMnu Bhashini Cele ubonge kakhulu kuMnyango Wezemfundo ngalobukhazikhazi besikole esihle wasecela amalunga omphakathi ukuthi abenehlo loluqapha lesikole wasecela kuzikhulu ebezithamele umcimbi ukuthi zibafake kuhla lwezimali oluzayo ukuze kuqasheke abaqaphi abanele abazogada lesikole esihle.
Kulomcimbi mekunandisa s umculi ongaconsi phansi kubantu Ntencane Zondi ofike waqhulula izingoma zakhe abezicula kanye nezethameli zijabulela umculo abebapha wona wasebongela nomphakathi wakwa Mgayi ngokuba nesikole esihle kanje esihlanzekile ekubeni sikendaweni engaphandle kwedolobha.