Nkosingiphile Ntombela
Kuzoshiyelana inkundla izikole eziyishumi zakwaMpumuza ezisemabangeni aphezulu lapho kuzoqhudelwana kwisicoco sika Mr & Miss Mpumuza High Schools, ohlelwe ikomiti elibhekele ezokungcebeleka kwi Mpumuza Traditional Counsil, lekomiti elikhulunyelwa iNduna Mnumzane PS Qwabe oyiNduna yesigodi iMpushini.
Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media uNduna PS Qwabe okhulumela lekomidi elihlela lendumezulu yomcimbi unabe kabanzi ngezinhlelo ezizokwenza lomqhudelwano wehluke wathi “Kulonyaka sihlele ukuthi ama High Schools aKwaMpumuza aqhudelane njengoba zonke lezikole sezinabo abaphume phambili kuzo okuyibo abazomela lezikole njengoba zizoqhudelana kulomgqibelo esiya kuwo ehholo eMashaka Hall eseMbubu. Engakugcizelela kungenwa mahhala, kuvumeleke wonke umuntu futhi nezokuthutha zihleliwe kulaba abakude naseSweetwaters, sicela umphakathi uphume ngobuningi bawo bezobona izimbali zesizwe, okunye izinga lalomqhudelwano wonobuhle kulonyaka liphezulu okuzokwenza izethameli zikuthokozele ukuzobuka mahhala ” kuphetha iNduna P. S Qwabe

Okuhlalukile ngesikhathi ekhuluma nabezindaba uNduna PS Qwabe uveze ukuthi abazobingxenye yalomqhudelwano wonobuhle bama High School kuzohlungwa nabazongena kumqhudelwano omkhulu obanjwa minyaka yonke obizwa ngo Miss and Mr Mpumuza ozoba sekupheleni kaNhlangulana (June)2024.
Lomcimbi uzoqala ngehora lesishagalombili ekuseni ngoMgqibelo mhlaka 25 eHholo eMashaka eseMbubu,kunxuswa amalungu omphakathi azophumelela ukuthi angazifaki izikibha zezepolitiki njengoba kuwumcimbi ohlanganisa isizwe ozoba uthanyelwe nayiNdlunkulu.