Ufeze izethembiso uMeya weTheku enikezela ngezindlu

Nkosingiphile Ntombela

IMeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda unabe kabanzi ngezinhlelo eseziphothuliwe okubalwa kuzo ukwakhiwa kabusha kwezindlu eMlazi kanye nokulungiswa kwenigwaqo eMlazi ngesikhathi kunembizo eKing Zwelithini Stadium eMlazi mhlaka 22 Meyi 2024.
Kulembizo ebigcwele izinkulungwane zamalungu omphakathi, uKhansela Mxolisi Kaunda amukela izakhamuzi ebezithamele lembizo unabe kabanzi ngokuzibophezela komkhandlu ekuletheni izidingo zomphakathi kakhulukazi kumalokishi aseThekwini.

Ezinye zezinto ezimqoka azethulile uKhansela Mxolisi Kaunda ehambisana nethimba elibhekele ukwakhiwa kwengqalasizinda eMkhandlwini weTheku uMeya unikezele ngezindlu okuhlomule nesakhamuzi esineminyaka engu 60 uNkkz Mchunu eMlazi.

UKhansela Kaunda uphinde waqinisekisa ukuthi umphakathi osendaweni eseMalukazi kuzokwakhiwa izindlu ezingu 1230 nosonkontileka ozozakha usekhona, uphinde wachaza ngentuthuko yendawo eku Ward 88 okuyindawo edume ngokuthi kusemhlabeni athe ephendula isikhalazo sesakhamuzi esithe uKhansela wakulewadi abamazi, wasechaza kabanzi uKhansela Mxolisi Kaunda ngezinhlelo zezingqalasizinda ezokwenziwa ku ward 88 ezizodla umkhandlu izigidi zamarandi.

“Lapha ku Ward 88 sizofaka imigwaqo ukuze masesizoqala ukuzosebenza zikwazi ukuhamba izimoto ezobe zizoletha izidingo kubantu, umgwaqo kulesigceme iwona omqoka kanye nokufaka kwama light ukuze kubelula ukunqanda nobugengu, njengoba luhamba kahle uhlelo lwe neighborhoor watch kuzosiza kakhulu masunama light ku leyandawo esizoletha khona imishini ezosivulela imigwaqo ukuze kusheshe intuthuko ku ward 88” kusho uMeya Mxolisi Kaunda weTheku.
Okushayelwe ihlombe izakhamuzi ebezithokozela ukubona intuthuko indlela ezangenisivinini eMlazi, uKhansela Mxolisi Kaunda uqhamuke nesixazululo esisematheni kulezinsuku sokungaqasheki kosokhemisi athe “umkhandlu weTheku kwisabelo Mali esilandelayo sizoqasha osokhemisi sibafake Kuma clinic wethu ngaphansi kohlelo loluqasha abasanda kugogoda ukuze sikwazi ukuphuthumisa ukunikezela kwezidingo kubantu kakhulukazi ekubekeni phambili ezempilo eThekwini, siyiTheku siyaqinisekisa manje asisakhulumi, sizibika phambili izakhamuzi ezakhele iTheku, odabeni lokubhekelela ogogo uma kuzoba izimpesheni sizobhunga kungekudala soqhamuka namasu amasha okusiza ekufukuleni amabhizinisi aseThekwini njengoba siphezu kwezinhlelo zokubuyisa izikhungo ukuze kufukuleke osobhizinisi bakithi” kusho uMeya weTheku uKhansela Mxolisi Kaunda.

Kulembizo kuphinde kwaphiwa uGogo Zulu oneminyaka engu 100 onikwe izipho iMeya yeTheku kanye noNkkz Nomusa Dube-Mncube OnguNdunankulu wesifundazwe saKwaZulu-Natali. Ezinye izakhamuzi zinikwe imshini yokuqhubeka namabhizinisi kanye namageja okusebenza kwizingani emakhaya.

uMeya weTheku uphinde wanxusa izakhamuzi ukuthi ziphume ngobuningi bazo ziyoviota ngomhlaka 29 kuMeyi 2024 Ngolwesithathu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link