Icela ukwesekwa I-Original Boyz yaseMgungundlovu

Nkosingiphile Ntombela

Iqembu lomculo lezinisizwa ezisencane zaseMgungundlovu ezicula umculo ohambisana nomdanso (Gqom-Music) abazibiza nge Original Boyz okungu Dumisani “Khathorish” Lembethe kanye no Ndumiso “MredOmnyama” Ngubane,libukeka linekusasa ngendlela elizimisele ngayo kulendima kaqedisizungu okuyindima edinga ukuzinikela nokuzikhandla okukhulu.

Odume ngelika “Khathorish” uDumisani Ndimande ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media unabe kabanzi ngohambo lwabo njengoba sekekhiphe amanye amanoni abathemba ukuthi azodansisa abantu eNingizimu Africa
“Siyi Original Boys singasho nje akulula impela kulendima ziningi izinkinga njengakho ukuqasheka mekumcimbi emikhulu eMgungundlovu sikesithuke mesingaboni nelilodwa iciko langakthi, okunye esikufisayo ukudlalwa kuzozonke iziteshi zemisakazo ngoba siyawuhambisa umculo ngendlela abasuke bewucele ngayo abalandeli bethu njengoba sewutholakala nakwi “internet” njengamanje sikhiphe “EP”
igama layo ibizwa (IBAMBENGAKHO), seloku saqala umculo sisemabangeni aphezulu emfundo sesikhiphe ama albhamu amane kanye mama “EP” amathathu, wonke lama albhamu ngawathokozela ngokubheka kwizitolo ze internet ezidayisa umculo lezingoma zonke zikhona, okunye eseingakucela kakhulu sicela ukuxhaswa ngokuthi abahleli bemicimbi nathi basibale kwimicimbi abayihlelayo ukuze sikwazi ukuqhubekela phambili kodwa angeke sabashiya ngaphandle laba abake basinika ithuba saze sakwazi ukushiyelana inkundla nabaculi abawomakadebona kulendima oDj Tira kanye noBig Zulu, siyabonga kulabahleli abasinikayo ithuba sibonga kakhulu angeke sabashiya ngaphandle kukhulu abasenzele kona” kuphetha uKhathorish we Originally Boys.


Okuhlalukile kwingxoxo ekhathekile ebesinayo nomculi we Original Boys ukhale kakhulu ngokungakhokhelwa ngesikhathi noma sudlulile umcimbi kunabahleli bemicimbi abangakhokhi kahle okuyingwadla ebhekene nabaculi baseNingizimu Africa yokungakhokhelwa ngesikhathi, loku kuze kuyofika kuMnyango wezamaciko nawo abakhale ngokuthi bafike bafake isikhalazo beyibaculi sokungaqashwa eMgungundlovu mekunemcimbu exhaswe ilomnyango bagcwalisiwe amaphepha emva kwaloko kuphinde kubekhona umcimbi bangabizwa okuyinto ebakhathaza kakhulu beyimaciko aseMgungundlovu abathembayo ukuthi ngolunye usuku kogcina udaba lwabo lufika kubantu abayolusukumela phezulu ngoba okwamanje lushaywa indiva.

I-Original Boyz kule EP entsha isebenze namaciko ahlukene esibala kuwo uKhanyo Mngadi, Mthosh, Quelonke kanye nomdidiyeli womculo we-Original Boyz uDj Nkonka.

Original Boyz ungayilandela kwinkundla zokuxhumana kumakhasi alo leqembu :
Facebook/Original Boys Badlala ngomlilo
Tik-tok/@khathorish.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link