Nkosingiphile Ntombela
Kumenywa amalungu omphakathi eNkantolo KoMkhulu (Mpumuza ) ngomhlaka 12 kuNhlangulana (June) ohlelweni lokulethwa kwesibhedlela kubantu okuwuhlelo oluvuleleke kuwowonke amalungu omphakathi.
Ngokusho komhleli wokulethwa kwesibhedlela kubantu uNduna PS Qwabe weMpumuza Traditional Council unxuse amalungu omphakathi ukuthi aphume ngobuningi bawo bezothola usizo abaluthola mebeye ezibhedlela.
“Sinxusa kwizakhamuzi ziphume ngobuningi bazo kulohlelo lokuzonakekela ngokwezempilo kumphakathi esiwubhekile weNkosi kakhulukazi njengoba siletha isibhedlela kubantu kuzobakhona zonke izinsiza eziba sesibhedlela ,sinxusa netsha iphume ngobuningi bayo njengoba izoba kunegumbi elizobe libhekelele intsha.Okunye okusemqoka lohlelo lusekwe iminyango kahulumeni kakhulukazi wezempilo namanye ama N.G.O’s asebenza khona lemphakathini okuzoba usuku olumqoka kakhulu ukuthi nophethwe noma amehlo afike azothola ukusizakala ngokushesha” kuphetha uNduna PS Qwabe

Okunye okulindelekile kulohlelo ukuzofundisa kabanzi ngokubaluleka kokuthola usizo lokuqala kuma clinic akhona endaweni,njengoba elekelela kakhulu ekwehliseni ukugcwala ezibhedlela uma usheshe wathola ukusizakala ngokushesha enkingeni osuke ubhekene nayo.
Izinhlelo zizoqala ngehora lesishayagalombili ekuseni ,kunxuswa kakhulu nabesilisa bafike bezoba ingxenye yokuthola usizo njengoba kunenkolelo yokuthi abesilisa bahambela kude nemtholampilo nezibhedlela mabenenkinga yezempilo.