Nkosingiphile Ntombela
Usuku labantu abasha eNingizimu Africa usuku oluwumlando omkhulu lapho abasukuma balwisana nohulumeni wengcindezelo ngo 1976 June 16,kuleNkulululeko esikuyo ezemidlalo ezinye ezihlanganisa abantu abasha ziphinde zibenze baqhele kwizidakamizwa.
EMagabheni Township baligubhe ngendathane yezemidlalo ebizwa nge-Magabheni Street Games ebihlelwe iMawande Tours, okuyinkampani yomuntu omusha wakhoma elokishini iMagabheni eNingizimu neTheku.
Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media uMawande Bekwa weMawande Tours unabe kabanzi ngezinselelo mangendlela ezemidlalo ezadlala iqhaza elikhulu empilweni yakhe njengomuntu omusha.

“Esingakusho lohambo lwalemidlalo sikuqale emunyakeni emine edlule, siyathokoza unyaka nonyaka liyanyuka izinga, okunye ngathola izibusiso kuqweqwe lweNtatheli uSbu Mseleku okunguye owafaka uthando lwezemidlalo kulendawo engikhulele kuyo, kuzokhumbuleka ubaba Mseleku nguye owasungula iziteki ezinkulu ezazidlala makwiphasika ingakho namuhla sikhethe ukuzodlala lemidlalo ngaphambi kwakwakhe ubaba Mseleku obeyivulandlela kwezemidlalo eMagabheni, kodwa okunye okusijabulisa kakhulu ukuthola uxhaso kumphakathi njengoba uwubona nje uphume ngobuningi uzoseka izingane ezibambe iqhaza njengoba izolo kuqale abe Netball namuhla kudlala ibhola lezinyawo” kunaba uMawande Bekwa.

Okuhlalukile iMawande Tours ngaphandle kokwenza ezemidlalo iphinde ilule isandla kwabangathathi entweni kakhulukazi ezindaweni enamakhasimende kumalokishi aseThekwini okubalwa kuzo eMahlongwa, Umlazi kanye naKwaMakhutha okuwuhlelo athi wazibophezela ekululeni isandla njalo ngonyaka kakhulukazi ngezikhathi zikakhisimusi.

Ongumsunguli walemidlalo uMawande Bekwa ubonge kakhulu kulezinkampani ezilule isandla ekuxhaseni lemidlalo yaba impumelo okubalwa kuzo I-Eclitique Arch Consultants, Flam Funeral Services, Joe Transport,Umgababa Beach Resort, Shimza Lifestyle, EThekwini Municipality, Lungi Tarven, Muhle Sounds kanye ne Cool Blue.
Amaqembu anqobile ahlomule ngezindondo kanye nezipho, lemidlalo izoqhubeka minyaka yonke ngokuqinisekisa komhleli uMawande Bekwa ongowukuzalwa eMagabheni Township.