Idili lomculo kubungazwa i-2nd Mpumuza Youth Festival

Nkosingiphile Ntombela

Intaka izobe ibekelwe amazolo ngomhlaka 29 kuNhlaba ngoMgqibelo eBlackbrurn Stadium KwaMpumuza, lapho kuzobe kusongwa inyanga yabantu abasha KwaMpumuza. Lowuncimbi uzobe usubuya ihlandla lesibili. Ngokusho kuka Sihlalo wekomiti elihlela lendumezulu i-2nd Mpumuza Youth Festival.


Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media iNduna P Ndlovu ongamele ithimba elihlela lendumezulu uthe, kulonyaka bakhethe ukuthi bashintshe izinhlelo njengoba kuzophinde kuhlomulwe isamba semali esibekiwe ekuzoqhudelana kuso amaqembu kaCothoza “Isicathamiya”.
“Lomcimbi kulonyaka uyizigaba ezimbili esokuqala kuzoqhudelana amaqembu kaCothoza azoba ebanga isamba sika R18, 000 wesiteki okuwuhlelo oluzovulwa ngehora leshumi livalwe ngehora lesithathu,kobe sesinika amajaji ithuba asinike amaqembu adle ubhedu kulamaqembu kacothoza. Okubalulekile njengoba kunezigaba ezimbili kulomcimbi kuzothi ngehora lesithathu sidedele amaciko akithi ashiyelane inkundla kanye noDj abazoba besidlalela umculo. Okunye iziphuzo zizobe zikhona futhi kuzobe kukhululekiwe kulomcimbi ovuleleke kuzozonke izakhamuzi” kunaba iNduna P Ndlovu.

Okuhlalukile i-2nd Mpumuza Youth Festival ngeminye yemicimbi ehlelwa iMpumuxa Traditional Counsil eholwa Inkosi K. S Zondi obenegalelo elikhulu ohlelweni lwamalungiselelo alomcimbi osubuya ihlandla lesibili eBlackbrurn Stadium.

Lomcimbi uzothanyelwa INKosi K. S Zondi, izinduna kanye namakhosana aseNdlunkulu. Ezokuphepha ngokuqinisekisa komhleli we2nd Mpumuza Youth Festival uthe kuzobe kuqashwe ngelokhozi okubalulekile ukuthi abantu beze bazojabula bazoba begadiwe.

Khonamanjalo kunxuswa abazothamela i-2nd Mpumuza Youth Festival ukuba bangazigqoki izimpahla zezepolitki bagqoke baconse njengoba kuzobe kukhona noswenka kuzovalwa inyanga yabantu abasha ngegiya eliphezulu KwaMpumuza.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link