Izobanjwa ngoLwesine inkonzo yesikhumbuzo sika Dr Thulani Manana

Nkosingiphile Ntombela


Lishone elayizolo iNingizimu Africa nomhlaba jikelele ugubuzelwe ifu ngokudlula komakadebona kwindima yomculo wezayoni uDoctor Thulani Manana weGalathiya Ibandla LeNkosi.

Lezindaba ezinyakazise iNingizimu Africa zithinte izinkulugwane zabalandeli bakhe uDr Manana kanye nabazalwane bebandla abelihola.Ngokusho kokhulumela umndeni uBishop Lukhele uthe okwamanje akukahlonzwa usuku azobekwa ngalo njengoba kusamatasa kwenziwa izinhlelo zokumubeka uDr Manana.


“Kusithinte kakhulu ukudlula kamfowethu esengibambisane naye impilo yami yonke kakhulukazi nasezwini lenkosi, kodwa konke sikubeka eNkosini. Izinhlelo zokumfihla asikakozihlonzi njengoba kusasa kuzoba usuku lwesikhalanga oluzoqala ngehora lesithupha ntambama kuya kwihora leshumi eTembisa eGoli, nangolwesithathu isikhalanga sizoqhubeka kuthi ngoLwesine kuzoba nenkonzo yesikhumbuzo ehholo iRabasutho Hall eTembisa.Okunye sobesiqinisekisa kwabezindaba kusukela kusasa ngosuku lokufihla njengoba simatasa nomndeni siqedela izinhlelo okunye ngolwesihlanu ibandla lizobamba umthandazo omkhulu” kuphetha uBishop Lukhele.

UDr Thulani Manana kwindima yomculo ukewasebenza mamaciko ahlukene okubalwa kuwo oThokozani Langa kanye neMithente, uDr Manana bekhombisa isiphiwo anaso abesiphiwe iNkosi mesingagcini ekuholeni ibandla iGalathiya.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link