Kukhulekelwe amakhaya kumkhuleko wabaholi eMondlo

Nkosingiphile Ntombela

Kushiyane ukujula nasekuqondeni okufunwa uThixo kumuntu wesilisa kwinkonzo ebibophele izihlabani eziwomakade ebona ezwini leNkosi eMondlo ngomhlaka 13 kuNtulikazi ka 2024.Lenkonzo ebihlelwe Iculo likazayoni ( T&T MEDIA) eholwa uMfundisi Thandwa Dlamin eMondlo, ibambisene na-Abazoba Nenhloso Bible Verses Sharing and Motivational Group eholwa uMfundisi NZ Malinga waseMnambithi.

Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media uMfundisi Malinga uqhakambise eyokuthi amadoda izinkonzo ezifuze lezi njengoba kwinyanga yamadoda akumele ahambele kude ngoba kuningi okufundwayo njengoba sekwanda inkolelo yokuthi amadoda awanayo indawo layekwazi khona ukukhulisana kakhulukazi ebuphatheni amakhaya kanye nokuholwa kwebandla.

“Obekubhungwa njengoba besihlangene okumqoka sibeke phambili indlela amakhaya ekumele siwaphathe ngayo njengoba sihola amabandla, indlela ekumele sikhombise ukuba abaholi abaqotho ebandleni kakhulukazi kubaholi abasebencane besikhulisana nasekwenzeni izinto ezizokwazi ukusikhulisa njengabaholi, okunye esigcine sesivumelana ngazwi linye ukuthi mawumholi kubalulekile ukuthi usebenze futhi ubenenye indlela ozithuthukisa ngayo kwezamabhisinisi ungagcini uthembela emholweni ngoba isikhathi samanje sidinga ukuthi mawuhola ibandla nomndeni ukwazi ukuthola izidingo ezanele ekhaya, ezinye zezihloko esizibhungile eyokuthatha isithembu okuyinto esigcine siyibuka njengento ekungamele siyibeke phambili uma singabazalwane, ibukeka njengento engamukelekile mawumu Krestu,okunye obekuseqhulwini besikhulekela amakhaya esiwabhekile njengoba ziziningi iziznto ezihasela imndeni edinga ukuthi singayeki ukukhuleka singobaba abawangamele lamakhaya uThixo asethembe ngawo ukuthi siwabheke” kuphetha uMfundisi NZ Malinga.

Lenkonzo ibibanjelwe abafundisi abebesuka eGoli, Free State, Mpumalanga, Richards Bay kanye naseThekwini.Okuhlalukile izoqhubeka lenkonzo izoya Richards Bay ngokusho komhleli wayo lenkonzo othe abangazange babingxenye basazokwazi ukuthola ithuba lokuyocobelana nabanye abaholi abaleke bebheka kumakhasi ezokuxhumana ngezinhlelo ezilandelayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link