Umphakathi waseMnini uhlalele ovalweni ngokwanda kobugebengu.

Nkosingiphile Ntombela

Indlela osekukhuphuke ngayo ubugebengu eNingizimu noGu eMnini kubukeka sekuzophuma esandleni njengoba sekugqekezwa imizi ngisho emini,kuduke nezingane kanye nokubanjwa kwenkunzi izimoto ezahlukahlukene ezinye zezinto ezenza izakhamuzi zihlalele ovalweni.

Umphakathi waseHlanzeni naseDanganya ubambe isithangami lapho ubudingida amasu okulwa nakesihlava esesihlalisa amalunga omphakathi ngokwesaba

Lomhlangano obuthanyelwe izakhamizi zendawo okugqame kakhulu ngesikhathi bethula izehlakalo zobugebengu kuSihlalo wezokuphepha kwiWard 98 uMnu uMandla Mngadi,amalungu omphakathi akhale ngokuthi kuyawethusa ukuthi kulendawo kugqekezwa imizi emini okuyinto ekade ingenzeki.

Amalunga omphakathi abuye akhala kakhulu njengoba kuyawethusa ukuthi namanje umntwana owaduka eMgababa akakotholwa okusabisa ukuthi njengoba nabo benezingane ezihamba amabanga amade ziyezikoleni bahlezi besovalweni, ISIPHILE MNYANGULA waseMgababa okuyimanje usabhekwa akakotholwa.


UMnu Mngadi ethula inkulumo enika umphakathi umhlahlandlela wokulwa nobugebengu uthe “Ubugebengu kuyinto edinga kusetshenzwe ngokubambisana futhi kudinga kwakhiwe izinhlaka ezobheka ukuphepha kulesigceme ukuze ngiyobathula emaphoyiseni nakubuholi bendawo yaseMnini.Okunye njengoba ngize nethimba lezokuphepha lomphakathi eselivele liqalile liyasebenza,kuningi esesikwenzile nalo kwancipha ubugebengu yize kungelula ukulwa nobugebengu kodwa kudinga umphakathi ubambisane ukuze umphakathi uhlale ngokuphepha ” kuphetha uMnu Mngadi.


Khonamanjalo uMnu Sibiya obesuka kwithimba lezokuphepha eMagcino Neighbourhood Watch uqinise idolo amalunga omphakathi waseHlanzeni neDanganya wathi “Ukulwa nobugebengu akulula kodwa siqale kahle kodwa zakhona nezigigaba njengoba sesaze sahlaselwa izigilamkhuba kodwa sisayibambile,impi yobugebengu idinga isibindi nokuzinikela yize kungelula ukubuqeda ubugebengu kodwa kulele ekutheni nibambisane ningajiki ezimisweni zokuqeda izinswelaboya ezihlalisa umphakathi lubhojozi ” kuphetha uMnu Sibiya.

Okuhlalukile kulomhlangano abaholi bendawo mebengabonwa nangokhalo yize amalungu omphakathi ekugcizelele eyokuthi lesithangami okwesithathu ehlangana mebelindele izinhlaka ezihola endaweni zibekhona njengoba bebacelile,okuwakhathaze kakhulu awathumelanga ngisho amazobamela ekubeni bekhathezile ngobugengu osekubenza bangalali ebusuku ngenxa yokwesaba.
Khonamanjalo kuqokwe ikomiti lesikhashana elizobhekela ukuhlelwa kabusha ezokuphepha eHlanzeni naseDanganya.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link