Nkosingiphile Ntombela
Ingwadla ebhekene nomphakathi nezinkinga ezikhona kumphakathi wasesigodini saseKhobongwaneni okubalwa kuzo ukuswela amanzi nokugqoza kwentuthuko ezinye zezinto ezibekwe phambili ngosuku lomkhuleko ngoLwesihlanu mhlaka 16 kuNcwaba 2024.
Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media uMnu Nyandu unabe kabanzi ngendlela ebeyimpumelelo ngayo lenkonzo ebisingethwe osomabhizinisi bendawo.
“Sibonga kakhulu kumalunga omphakathi aphume ngobuningi ezoseka losuku olubaluleke kakhulu lapho besikhulekela zonke izimo ezikhona endaweni neziphazamisa inhlalakahle. Okusithokozisile ukubona osomabhizinisi bendawo bonke beyingxenye yalosuku lokho kusithokozisile ukuba khona kwabo, sibonga kakhulu kumalunga omphakathi kakhulukazi kosomabhizinisi bendawo abashiye konke bazoseseka ngakhohlwa nakubafundisi nabo abafikile bazoba ingxenye yalosuku” kunaba iNduna uMnu Nyandu.

Khonamanjalo uMnu Nyanda uthe lomkhuleko uphendule izinkinga zeminyaka njengoba lendawo yaseKhobongwaneni okuyisigodi esiKwa Mpumuza isinesikhathi iswele amanzi, umphakathi wakulendawo ubesuhlomula ngezipho ezithengwe osomabhizinisi bendawo okubalwa kuzo nethangi lamanzi elizoba isisombululo ekunikezeleni ngamanzi kulesigodi saseKhobongwaneni.


Kulomkhuleko kuhlomule namaqembu ebhola lezinyawo amathathu ngamajezi ebhola kanye nezinsiza zokuzilolonga.
Umphakathi ubonge kakhulu kosobhambizini bendawo ngalohlelo lokuzolula isandla okubalwa kubo uMnu Nzimande usomabhizinzisi ongumnini weHardware, uMnu Mthembu weTarven uMnu Nyandu weHardware kanye noMnu Sojuba weB&B eKhobongwaneni.
Lenkonzo ibihanjelwe induna Mkhize waKwaMafunza kanye nomholi uBishop Khomo.