Nkosingiphile Ntombela
Inyanga yabesifazane igujwa minyaka yonke. Lenyanga kaNcwaba ihambisana nokugubha impumelelo namagalelo abesifazane umhlaba wonke Ingako aboMgungundlovu Saps bethe nabo amagalelo nokuzinikela kwabesifazane emubuthweni angeke bangayivali inyanga bengawenzile umcimbi wokubabonga ukuze bakwazi ukuzokhulisana njengoba bekuhlelwe izikhulumi ezahlukahlukene kulomcimbi obudle ngobukhazikhazi okukhombisa ngokusobala ukuthi izinga beliphezulu eTable Mountain aseMgungundlovu ngomhlaka 30 kuNcwaba ka 2024.

Ukukhuthaza amalungelo abesifazane nokulingana ngokobulili kakhulukazi emsebenzini izinto ebezidingidwa kakhulu izikhulumi ziqhakambisa nokukwazi ukuzimela kwabesifazane.

Ukubungaza impumelelo yabesifazane kanye namagalelo abanawo emsebenzini kutuswe kakhulu njengoba sebekhona abangamele izindawo ebezaziwa ziphathwa abesilisa, kanye nokuqwashisa ngezindaba nezinselelo zabesifazane emsebenzini meziseqhulwini kwizikhulumi ebezishiyelana inkundla.
OnguMphathi omkhulu kuMgungundlovu Saps uLetenant Asanda Liwali ubonge kakhulu amagalelo abesifazane abasebenza ngokuzinikela emsebenzini kakhulukazi emsebenzini obewaziwa ngokuthi akuwona wabesifazane.
“Inhloso yokuhlela lomcimbi ukuzolaphana sabantu besifazane ezintweni esibhekana nazo emsebenzini nasemakhaya, okunye okumqoka ukuzokhuthazana sakhane ukuze sithuthuke nomsebenzi esiwenzayo siwuthokozele ngokuthi sizazi ukubalulela kwethu siyimbokodo, okunye okuseqhulwini ukuthi sibambisane siphinde sinikane namacebo amasha okubheka amakhaya njengoba kukuningi esikwenza sisodwa ingakho namuhla sizolaphana nangokomphefumulo kulosuku olubaluleke kakhulu sezivala inyanga yabesifazane kusho uLieutenant Asanda Mwali ngaphansi koMgungundlovu District Saps.

Ongumqondisi koSonhlalakahle uNksz Suthukazi Mabona naye unabe kabanzi ngokubaluleka kokuthanda mawumuntu wesifazane uphinde uzithuthukise.
“Ukunika abesifazane amandla nokubeka phambili inhlalakahle yabo ezindaweni zokusebenza ezinye zezinto esizibeke phambili njengoba sizobungaza inyanga yethu siyimbokodo, okubalulekile ukuthi abantu besifazane banakekele imzimba yabo, uma kwenzeka bebhekana nezinkinga bahambe babone odokotela abalaphe ngokomqondo ukuze bakwazi ukuthatha izinqumo eziphusile, lokho kokwenza bakwazi ukuphila impilo egculisayo futhi bakwazi nokubheka amakhaya ngokugcwele uma isimo somqondo silaphekile ngoba lokho kuba ingozi uma uzufika ebudaleni ungalaphekile emoyeni kugcina kunciphisa nezinsuku zokuphila, kuphetha uSuthukazi Mabona ongumqondisi koSonhlalakahle.
Okuhlalukile kulomcimbi uLieutenant Asanda Mwali ukuqinisekisile ukuthi lombungazo uzoqhubeka minyaka yonke njengoba kuseqhulwini ukuthuthukisa abesifazane emubuthweni wamaphoyisa.