Nkosingiphile Ntombela
Inyanga yabesifazane ivalwe ngegiya eliphezulu eThekwini lapho abesifazane bahlangane bezobungaza amagalelo kaRethabile Skhosana owaziwa nge”Ndlondlo”.

Lomcimbi obuthanyelwe abesifazane beswenke ngamaphinifa akanokusho abawafundiswe ukuwathunga iRhee Designs kaNksz Rethabile Skhosana.
Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media umhleli womcimbi uNozipho Ndlovu uchaze kabanzi ngokubaluleka kokusebenza okuhle manibantu besifazane kwezamabhisinisi “Okusenze sahlela losuku lwalomcimbi ukuzobonga uMaSkhosana ngamagalelo akhe ekusikhuliseni nasekusifundiseni ibhizinisi sabesifazane, okunye okuhle sibonga ukuthi usesifundise ukuthi sigcagcini ngokuwathunga amaphinifa kodwa sikwazi ukubeka ukudla etafuleni siyibantu besifazane ” kuphetha uNozipho Ndlovu.
Ibhizinisi leRhee Designs lesekwe nangabesilisa abaziyo ukuthi owesifazane olwela impumelelo uyasekelwa ukuze afike lephokophele khona kakhulukazi mezazi ufisa ukufika kuphi njengoba noMnu Nathi Mlipha ongusomabhizinisi waseThekwini ekhombise ukumthakasela indlela asekhule ngayo namchaze ngokuthi umazi uRhee edayisa amaphefumi. “Kuyakhuthaza kakhulu njengoba esekhombisa ukukhula uRhee mina Kade ngamazi ingako ngithe mebona uyakhula umsebenzi ngasengimunika indawo kwezinye zezitolo zami ukuthi azofaka amaphinifa, Lokhu ngikwenza ngoba ngiyabona indlela azinikela ngayo emsebenzini wakhe mesebenza futhi namaphinifa akhe mahle kakhulu, sephetha engakusho kumele azi ibhizinisi liphathwa kahle njengoba ekhula kwezamabhisinisi ngimfisela inhlanhla akhule zoqhubeka nokumeseka” kuphetha uMnu Nathi Mlipha weLuthando Shopping Spree.

Ezibongela usomabhizinzisi osekhulise inqwaba yabesifazane ekwazini ukuthunga nokudayisa amaphinifa uNksz Rethabile Skhosana obechichima injabulo ebona ebongwa esadla anhlamvana okuyinto eyimvela kancane ububongwa usaphila umuchaze losuku njengosuku olukhulu kwinkampani yakhe.
“Ngijabule kakhulu njengoba namuhla ngibongwa ngalomcimbi njengoba ubona abesifazane bebahle kanje ngamaphinifa okwaba umubono owafika kumina ngasengibhala kwinkundla zokuxhumana zabathungi,siqale kahle safundisana indlela esiwathunga ngawo amaphinifa esimanje, okunye mesihlalengene kwihhovisi lami elisankabeni yeTheku sibuye sicijisane nangendlela yokuthi singawusabalisa kanjani umsebenzi wethu okuyimanje senginomama ababeka isinkwa etafuleni ngamaphinifa. Okumqoka ngyaqinisekisa ukuthi ezinsukwini ezinhlanu ugoduka nalo usuliphethe iphinifa lakho masikufundisa. Okunye siyibantu besifazane kumele siwuthande umsebenzi wethu siwaphathe kahle amakhasimende ikhona okuzosenza siyephambili sikhule siyibantu besifazane.Ngibonga kakhulu kwengisebenzisana nabo ngokuthi bawabone amagalelo eRhee Designs ngiswele imilomo yokubonga bakhule siqhubeke siyimbokodo sibambisane njalo” kuphetha umphathi weRhee Designs uNksz Rethabile Skhosana.

Okuhlalukile kulomcimbi abesifazane mebengafunda ukubambisana bangayekelelani bafukulane kuningi abangakuzuza baphinde basekane njengoba iRhee Designs isiqeqeshe abesifazane abangamashumi ayisishagalombili nanye, okusho ukuthi iRhee Designs sekunemndeni engu 81 esinosomabhizinisi abazimele lokhu okuzodala kufukule umnotho waseNingizimu Africa ngokwanda kwabesifazane abazimele kwezamabhisinisi kakhulukazi imfashini.