Nkosingiphile Ntombela
Isizwe saKwaMpumuza eMgungundlovu sibungaze iminyaka eyikhulu kwakhothama iNkosi Laduma Zondi ngedili lemicimbi okubalwa kuyo ukubuthwa kwebutho elincane ngoMgqibelo kwalandela umcimbi obusezingeni eliphezulu iGalla Dinner, kube sekuphethwa ngemarathon ebizwa ngeNkosi Nsikayezwe Fun Run.

Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media iNkosi K.S Zondi obekhombisa okukhulu ukuthokoza ngendlela ohambe kahle ngayo lomcimbi ubonge kakhulu ukuzinikela kwabahleli kanye nethimba elibambe iqhaza ukuze kugcine kuphumelele lezinhlelo.

“Ngidlulisa ukubonga kakhulu kwisizwe saKwaMpumuza ngokuphuma ngobuningi bezoseka lomcimbi wokugubha iminyaka eyikhulu yeNkosi Laduma akhothama, ngibonga kakhulu nakubahleli ababambe elikhulu iqhaza yize samakhosi singenaso isabelo Mali kodwa sikwazile ukuwenza lomcimbi wasezingeni ebesifisa ubekulo, sicela neminyango kahulumeni isixhase samakhosi mesenza imcimbi ngoba kakhulukazi njengoba mekumele amabutho akhempe lapho ekade ezoba efundiswa ngendlela yokuziphatha konke lokho bekudinga imali ukuze sikwazi ukubahlinzeka ngezokuthutha kanye nokudla. Okungihlale umxhwele kakhulu ukuthi nakwi marathon ibingenelwe nayibasubathi abasuka kwezinye izifunda njengoba kunqobe osuka eXobho okusho khona ukuthi lomgubho usudonse abantu abaningi abasuka kwezinye izindawo okuyinto esithokozise kakhulu kuphetha INkosi K. S Zondi.


Kumcimbi we Gallar Dinner uhlelo beluphethwe umsakazi woKhozi FM uNkosinathi Mshengu odabuka khona kwaMpumuza. Khonamanjalo ezinye izinhlelo zokukhetha uMiss Mpumuza seziphothuliwe njengoba mhlaka 30 November 2024 usuku lwamanqamu izinhlelo seziphothuliwe ngokusho kwethimba elingamele imcimbi ngaphansi kwe Mpumuza Traditional Counsil.