Nkosingiphile Ntombela
Ukuba neso elibukhali njengomholi osebenzela isizwe okuphinde kuhambisane nokuzinikela ekuthuthukiseni izimpilo zabantu ezinye zezinto ezingatholakali kakhulu kubaholi uma ungumholi obheka okuza ngakuye kuphela kodwa isizwe saKwaMpumuza eMgungundlovu sinenhlanhla yokuba nabaholi abawuthandayo umphakathi njengoba iNduna uMchunu ebuke isimo esingesihle endaweni engyigadele iNkosi yKwaMpumuza washaya ikhwelo wangena ephuma enxenxa osomabhizinisi ekutheni balule isandla layebone khona kudingeka ikhaya elihloniphekile.

Ekhuluma nethimba leBhekizizwe Media uNduna uMchunu unabe kabanzi ngalohambo ababenalo engena ephuma efuna kwakhiwe ikhaya elifundumele lomndeni awubone ulidinga ngokusheshs. Eqhuba uthe wenze yonke imizamo exhumana neminyango ebhekele ukunikezela ngezindlu kuhulumeni kodwa kwafana nokuthela amanzi emhlane wedada kwangalunga okudale ukuthi agcine eyoshaya indesheni kosomabhizinisi bendawo njengoba beke basilula isandla ngo 2019 bakhela omunye umndeni umuzi osezingeni lokuhlonipheka ngengesakhamuzi.

Eqhubeka enaba kwabezinda ubonge kakhulu amagalelo abobonke osomabhizinisi njengoba uMkhize enikele ngama blocks waphinda wakhokhela nomakhi othathwe khona endaweni, iNduna uNdlovu yanikela ngosimende ewuthenge kosomabhizinisi abakhona endaweni. “Okunye engakubalula ukuthi ukubambisana esibenakho njengezakhamuzi zaKwa Mpumuza nokuba neso njengomholi kuthela izithelo ezinhle njengoba sinikezele ngokusemthethweni lendlu mhlaka 13 kuLwezi, lomcimbi wokunikezela ngendlu ubuthanyelwe amalunga OMPHAKATHI, abefundisi kanye noMkhandlu wakaMpumuza “Mpumuza Traditional Counsil”
Khonamanjalo Indlunkulu yesizwe saKwaMpumuza isishayele ihlombe lesenzo sookwakhela lomndeni umuzi ohloniphelile “Sibonga kakhulu ngokukhuthala kwenduna nokuthanda abantu besigodi esibhekile, nokusazi isigodi okwenze wabona izinkinga wase ecabanga izixazululo ngaloko sibonga kakhulu ngalomsebenzi omuhle” kuphetha iNkosi K.S Zondi.
Okuhlalikile isakhamuzi esihlomule ngomuzi injabulo ibibhalwe ebusweni njengoba kugcine kufezeke isethembiso seNduna Mchunu sokuthi uzobakhela ikhaya.