Nkosingiphile Ntombela
Ubuphume ngobuningi bawo umphakathi waseMafakatini kumcimbi wabalimi obubanjelwe kaNgcendomhlophe Hall, Kwa Mpumuza zingu 18 kuMandulo ka 2024.
Inhlangano yabalimi I African Farmers Association in South Africa idingide kabanzi nezinkinga ebhekene nabalimi ezindaweni ezisemakhaya yaphinde yethula uhlobo lwenkunzi ezokwazi ukuzosiza ekwandiseni izinkomo esigodini saseMafakatini KwaMpumuza.

Lohlobo lwenkunzi esezingeni lokwandisa izinkomo ezizokwazi ukusiza osomabhizinisi abangabalimi baxhaswa uMnyango wezolimo Kwa Zulu Natali ukuze abalimi bakwazi ukuba nezinkomo ezisezingeni lokudayisa kakhulukazi ekubeni nemfuyo ezoya emadeleni enyama, Loluhlelo ezinye zezinhlelo uHulumeni alekelela ngayo ekusizeni abalimi basesifundazweni ukuthi bathuthuke.


Lomcimbi ubusingathwe iNkosi K. S Zondi oncome kakhulu ukubambisana okuhle kwabalimi neMpumuza Farmers Association nayo ebikhona kulomcimbi obunezikhulumi ezahlukahlukene zicijisa abalimi ngamakhono kanye nezinto okumele baziqaphele ukuze zikhule ngendlela izinkomo abazimisele ukuthi zithengiswe emadeleni enyama.INkosi K. S Zondi ethula inkulumo uphinde wagcizelela ukugadwa kwamadlelo njengoba anikezela ngawo wasencona nokuthi kuyamthokozisa ukubona lawa madlelo esebiyiwe egadiwe,iNkosi K. S Zondi iphinde yakugcizelela ukuthi uhlelo lokubalwa kwezinkomo KwaMpumuza luyaqhubeka ngoba okuyisifiso ukuthi lezinkomo ezingekho ezingeni lokuhweba zifakwe emadlelweni azo kuthi lezi zohlobo olusezingeni lokuhweba zibenamadlelo ahlukile kuphinde kubhekwe nendlela yokutshala kabusha utshani obudliwa izinkomo ezidingwa embonini yenyama kuphetha iNkosi K. S Zondi.

Okubuye kwabhekwa uhlelo olukhona lokuxhasa kwabalimi oluzoxhasa abalimi lapho abalimi abangaphasi kwe African Farmers Association in South Africa bekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media bathe basazobhala incwadi bacele ukuba nomhlangano noMEC wezolimo KwaZulu-Natal, okuseqhulwini bathe lemali okumele uyifake engu 10% mudinga uxhaso babona engathi abebala elinsundu abalimi bazongahlomuli kulohlelo ngenxa yezinto eziningi ezidingekayo kakhulukazi lezi ezithinda imali engango 10% okumele ukhishwe umlimi.
UMnumzane Skhakhane nongusihlalo we Afasa Kwa Zulu Natali ubonge kakhulu kuNkosi K. S Zondi ngokubakhona kulomcimbi waphinda wabonga kakhulu ukuzimisela kwamalunga e-Afasa enze losuku lwaba impumelelo kanye nazozonke izinhlaka ezibekhona ukuzokhuluma nomphakathi okubala abaqaphi bemfunyo okungezinye zezinhlaka ezibaluleke kakhulu njengoba imfuyo yebiwa kakhulu kulesifundazwe saKwaZulu-Natali.
Lomcimbi ubuthanyelwe uMnyango wezolimo, owezokuthutha kanye nabalimi bendawo abakade begcwele ihholo bezozwa bangazithuthukisa kanjani kwezolimo njengoba ziwumgogodla kumnotho wesifundazwe ezolimo.
Ukuthakasela kokufika kweNkosi K. S Zondi eMafakatini kuthokozelwe kakhulu njengoba abalimi bakulendawo bephe iNkosi K.S Zondi isipho segusha.
