Nkosingiphile Ntombela
Ubanjwe ngempumelelo umcimbi wezakhamuzi ezakhele iMpumuza Traditional Counsil eMgungundlovu lapho kubusiswe ogogo ngokwenzela umcimbi kakhisimusi.
INduna uQwabe ebikade izalwa ngezi 12 zikaDisemba ikhethe ukubungaza usuku kwayo ngokwenzela ogogo ukhisimusi. Ekhuluma neBhekizizwe Media utuse kakhulu ukusebenza ngokubambisana emkhandlwini okwenza lomcimbi wasezingeni eliphezulu lapho kihlomule uGogo ngezipho oneminyaka engu 110 uGogo UmaNgwenya wakaMakhathini esigodini saseMpushini.
“Sifisa ukubonga kubo bonke abenze ukuthi lokhisimusi wogogo ube impumelelo ikakhulu kazi ithimba engisebenza nalo. Ngokukhethekile ngicela ukuphakamisa uNobhala womkhandlu ophinde abe uS’hlalo wabantu abasha besigodi udadewethu uZintle. Uyasebenza ngokuzikhandla engalindele lutho, siyabonga kakhulu dadewethu” kusho Unduna Qwabe

Kulomcimbi obuthanyelwe amakhulu ezihambeli umkhandlu uphinde waqinisa ubudlelwano noKhanssela Mbongeni Zuma, umacekeceke wakhansela osanda kugobisa umkhonto waphula nendlovu eWard 02 okhethweni obelungezi 18 December.

Ekuqiniseni ubudlelwano nokhansela okumqoka ingoba iNkosi KS Zondi kanye noMkhandlu weMTC bakubeka phambili ukuthuthukisa kwesizwe saKwaMpumuza.
UNduna uQwabe uphinde wabonga indlela awuhloniphe ngawo umcimbi uKhansela uZuma waphinda wabonga abalule isandla kakhulukazi uMgungundlovu Municipality Speaker Cllr Gabela, Mr Khawula, Mr Mkhize, Zuma Funeral services, Mrs Ndlovu, Miss Shezi, Mrs Maphumulo, Mrs Ngubo, Izinsizwa kanye namalunga omphakathi abekhona ezoseka lomcimbi.

Khonamanjalo iNkosi yesizwe SaKwaMpumuza INkosi K.S Zondi udlulise izilokotho zikakhisimusi .” ngifisela wonke amaMpumuza ukhisimusi omuhle n engathi nina nemindeni yenu ningaba namaholidi amahle kakhisimusi, nijabule ningakhohlwa ukuthi kusanempilo nangonyaka ozayo, nibeke kahle imali yokubuyela emisebenzi nasezikoleni. Singahlukumezi abesifazane nezingane sibavikele kulamaholidi”.kuphetha INkosi K.S Zondi