Bafundiswe ukuziphatha abafundi baseSanelisiwe Primary KwaMpumuza

Nkosingiphile Ntombela

Ukubambisana kwabantu abasha ngenhloso yokwenza umehluko emphakathini kuyinto ekumele yenziwe ukuze kukhule isizwe.Abantu abasha baKwaMpumuza ngoMsombuluko zingu 27 kuMasingana benze losuku lwaba ingqophamlando.

UNksz Phumla Mkhize ohola inhlangano i-Keep A Girl Child in School bebambisene nozime osephakamise ifulegi laKwaMpumuza uXolisile Ngubane osanda kuqokwa kuMiss Stella World South Africa National Pageant bahambele isikole iSanelisiwe Primary KwaMpumuza mgenhloso yokuyokhuthaza abafundi kakhulukazi besifazane,bafike babafundisa ngendlela yokuziphatha mawukhula uyintombazane nengendlela yokuziqhelisa ezintweni ezokhubaza ikusasa labo.Lezintokazi ziphinde zanikela ngezipho zokuzinakekela kubantwana besifazane njengoba benohlelo lokunikela ngamaqakelo kwintsha.

Isithombe: Injabulo ibibhalwe ebusweni kubantwana bamabrombazane emva koqeqesho beyalwa nangendlela yokuziphatha.
Isithombe : Kuhlomule abafundi abangamashumi amabili ngomfaniswano eSanelisiwe Primary school.

Okuhlalukile kulohambo belusingethwe nayinduna yasesigodini saseKhobongwaneni uMnu T Nyandu ophinde wahlola nezivande ababezishiye ngonyaka odlule okuwuhlelo oluholwa abamnyango wezolimu bebambisene nezinduna.

Khonamanjalo iNduna T Mnyandu ubesedlulisela umfaniswano kunafundi abangu 20 abawuhlomula kwidili lomcimbi owawusinganthwe nayisekela laMengameli wezwe uMnu Paul Mashatile owafika wanikezela ngomfaniswano kuzozonke izikole zaKwaMpumuza ngisho nezikumabanga aphansi okubalwa nayo iSanelisiwe Primary School.
“Njengenduna sikhethe losuku ukuze sikwazi ukuzohlonza izingadi siphinde sinikezele ngomfaniswano okuyinto enkulu kakhulu ukuzokhuthaza abafundi ukuba baqhubeke bazimisele ngokufunda baphinde baziphathe kahle,sijabule kakhulu izivande esazishiya basazinakekela konke kusahamba kahle sibonga nokubambisana okuhle ” kuphetha iNduna T Mnyandu.

Ukunikezela ngomfaniswano ezinye zezinhlelo ezisemqoka ekufukuleni nasekwesekeni imfundo eyisisekelo sekusasa kumfundi.

Isizwe sakwaMpumuza esinye sezizwe ezenza kahle makuza kwezemfundo okungezinye zezinto eziseqhulwini kumqulu wokulawula nokuphathwa kwe Mpumuza Traditional Authority eholwa iNkosi K.S Zondi ongusekela sihlalo wamaKhosi eMgungundlovu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link