Nkosingiphile Ntombela
Inhlangano ebhekele abalimi AFASA ( África Farmers Association of South Africa) kwisifundazwe sakwa Zulu Natal ubambe isithangami ngoLwesihlanu zingu 26 Ephreli labendigide khona ngezingqinamba ababhekene nazo beybalimi KwaZulu Natali kumhlangano obuseMgungundlovu.Kwezikade eziseqhulwini kubalimi bakhale ngokushawa indiva yize bebambe iqhaza ekufukuleni umnotho kulesifundazwe sakwa Zulu Natali.

Okunye abathe akubashayisi ihlombe ukwehla kwentengo kawoyela okungabasebenzeli nhlobo njengoba kubakhona ngesikhathi bengasatshali khona okuyinto ebalukhuni njengoba imvamisa beyibalimi abanganawo amandla okugcina uwoyela njengoba sewehle amanani.
Ekhuluma nabezindaba uNobhala we AFASA uDonathusi Dlamini unabe kabanzi ngezinkinga ezibhekene kwezolimo.
“okukuqala nje sibuya lasike sabhekana nengwadla yesifo sokhuvethe esawukhinyabeza umsebenzi wethu njengabalimi, kwaphinda kwagadla izikhukhula ngo December 2021 nango April 2022 singabalimi asizange sibhekelelwe kodwa kwizithangami ezazibanjwa ngaleso sikhathi kwagcinwa ngezethembiso asikaze sabhekelelwa ukuze sikwazi ukubuyisa okwasilahlekela njengabalimi eKZN, izimpi lezi ezike Russia nazo ziyasikhinyabeza ngoba intengo kawoyela ithikamezekile imbeqolo kuthina njengoba wehla ngesikhathi singasatshali sisuke singasawudingi nanokuthi abanye bethu abanabo ogandaganda bayabaqasha lokhu okwenza kubize ukuqasha ugandaganda masekufike isigaba sokulima. Ngakho-ke siyi AFASA siyacela kuhulumeni mesifaka izicelo zethu noma sifisa imihlangano nabomnyango wezolimo basibeke eqhulwini njengoba siwumgogodla womnotho kulesifundazwe baphinde bangenelele ekuhlinzekeni ngezinsiza kubalimi abasebancane Kwa Zulu Natali” kuphetha uNobhala we AFASA.

Kukomhlangano obubanjelwe enkabeni yenhloko dolobha lesifundazwe sakwa Zulu Natali uMgungundlovu amalungu e- AFASA okunye abekuphakamisa ukuthi nawo kumele abingxenye mekubekwa amanani empahla kungaqhamuki idlazana elithize eligagula amanani empahla bengabonisene nabo beyimalungu emhlangano yabalimi i-AFASA