Nkosingiphile Ntombela
Bekukuhle kudelile mhlaka 31 kuNcwaba eThekwini e-Cathedral Hall, imbokodo ikhombise ngokusobala ukuthi kukude lapho iphokophele khona ekuzithuthukiseni. Kobongwe kwaphinde kwatuswa u Rhee Skhosana (obizwa ngeNdlondlo yePhinifa) ngegalelo enalo ngokulekelela nokufundisa imbokodo ukuthunga iphinde ikwazi ukuziphilisa ngeskhathi nje esincane. Kucace bha ukuthi kukude lentokazi la isaya khona empilweni kwezamabhizinisi. Lomgubho ubudle ngezikhulumi ezisezingeni wonke umuntu obekhona uhambe egezekile futhi ekhuthazekile.

Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe uNkkz Rhee Skhosana ongusomabhizinisi osenkabeni yeTheku osethuthukise inqwaba yabesifazane unabe kabanzi ngendlela olube ingqophamlando losuku lokuvala inyanga yabesifazane.

“kuyintokozo ukuthi ngiphinde ngibe nalosuku lokugubha inyanga yabesifazane inhlandla lesibili lapho engaqala khona ngokuba nabesifazane abangamashumi ayisihlanu njengoba kulonyaka beyikhulu namashumi ayisihlanu okukhombisa ukukhula ngendlela engithokozisayo.Kulonyaka kubintokozo ukuthi kusukume nezinye izinhlaka zasokweseka lomcimbi okuyinto ebengingayilindele eyenze ngabona mukhulu umehluko engiwenzayo ezimpilweni zabantu, okungihlabe umxhwele ukucobelelana ngolwazi oluzosithuthukisa luphinde lusifundise ukubaluleka kokusebenza kanzima mawumuntu wesifazane okuyinto ebiseqhulwini ukucijisana ngamacebo okuzithuthukisa kwezamabhizinisi” kunaba osezakhele udumo ngokubizwa ngendlondlo yamaphinifa.

Okuhlalukile kwinkulumo ekhethekile noNkkz Rhee Skhosana ubonge kakhulu abeKhanya okunye “NPO” emunike uxhaso ukuze ubewubukhazikhazi obusezingeni wasetusa nezihambeli ebezisuka eNquthu Municipality ezidele konke zazohambela umcimbi obuseqophelweni eliphezulu eCathedral eThekwini.

Khonamanjalo uNkkz Rhee Skhosana ubeseshaya ikhwelo enxenxa imbokodo ukuba ivuke izithathe njengoba ephakamise elokuthi sesaphela isikhathi abesifaze bethembela kubantu besilisa ukuze babenezinto sekuyisikhathi sokuthi umnotho bazikhandele bathuthuke kwezamabhizinisi ngokuncela kwabanye abangaphambili.