Nkosingiphile Ntombela
Umcimbi obuhlewe ngenhloso yokukhuthaza ukuzithanda nokuziphatha kahle mawumuntu omusha obizwa nge Mr and Miss Mpumuza High Schools ubenesasasa, buhanjelwe inqwaba yezethameli ebezizobona odla ubhedu kulezikole zaKwa Mpumuza.
Lomcimbi oqale ngegiya eliphezulu ngoMgqibelo mhlaka 25 eHholo eMashaka eseMbubu okugqame ukuhlonipha nokwesekana kubantu abasha abakade bezothamela lomcimbi.
Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media onqobe esokuba iQueen (Miss Mpumuza High Schools 2024) uMiss Thandolwethu Simelane obechima injabulo emva kokunqoba ubonge ukwesekwa umndeni wakhe nabangani ekumkhuthazeni angenele lomncimtiswano wathi ” Ngibonga kakhulu ukuthi nginqobe lesicoco yize bengalindele ngethukile ngizwa igama lami kwabanqobile, engakusho ngibonga kakhulu kubahleli baMiss & Mr Mpumuza High Schools ngokuveza lethuba lokuthi sizibonakalise, ngibonga nokwesekwa umndeni wami kanye nabangani abanika amandla okuthi ngingenele engingakusho sezoyingenela yonke imincintiswano ngoba ngiyafisa ukuzibona nami ngivelela kulomkhakha wonobuhle eNingizimu Africa”kuphetha i-Queen (Miss Mpumuza High School 2024) uThandolwethu Simelane ongumfundi owenza uGrade 10 eSiyanda Secondary School Empushini, okuyisigodi esingamelwe iNduna PS Qwabe.

Khonamanjalo nonqobe kwisigaba sabesilisa kuMr Mpumuza High Schools 2024 sibenengxoxo ekhethekile naye siyiBhekizizwe Media esinabela kabanzi njengoba esenqobile u – Andile Zondi
“Ngibonga kakhulu ukuthola ithuba lokuthi ngibingxenye yalomncintiswano engenele ngenako ukuthi ngase nginqobe, ngibonga kubahleli ngokusivulela lethuba lokuthi sizibonakalise sibantu abasha, njengoba senginqobile ngyathemba nakweminye imincintiswano ngizobakhona ngoba ukwesekwa engikuthola ekhaya nakubangani bami kuyangikhuthaza ukuthi ngiqhubekele phambili, ngalesicoco isiqalo sezinto ezinhle ezizayo engingakuqinisekisa ngizoba khona kweminye ezobakhona ngizoziveza ukuthi ngibe isibonelo nakwabanye, futhi ukubamba iqhaza ekumodeleni kwenza ngiqhele ekubeni sezindaweni ezingezinhle kungisiza nasekugwemeni izinto ezingaphazamisa ikusasa lami njengomuntu omusha” kusho insizwa esencane u-Andile Zondi ongumfundi eSikhululiwe Secondary School okuyisikole esikesigodini saseMaswazini kwesika Ndunankulu uNdlovu.

INkosi KS Zondi yaKwa Mpumuza ijabule kakhulu njengoba lomcimbi uhambe kahle yabonga bonke ababambe iqhaza “Kuyajabulisa ukubona amathalente esinawo KwaMpumuza makunohlobo olufuze lolu lwemicimbi lokhu okusho ukuthi kungekudala sizoba kwibalazwe sincintisane nezinye izizwe, siyathemba eminyakeni ezayo njengoba lomcimbi usukwisigaba se Annual Miss Mpumuza High School kuzokhuphuka nezinga, ngakhohlwa ukubonga ababambe iqhaza ukuze konke lobuhle esikubonile kube ukubambisana okuhle kwithimba ebelihlela sibonga kakhulu ukuzinikela kwalo njengoba kubukeka lomcimbi uzogcina sekungenminye yemicimbi emkhulu evundulula amathalente esizweni, sibonga kakhulu nezikole okuyizo ezikhulisa abantu abantu ekukwazini nokuzithola kwiziphiwo abanazo, sibonga kakhulu nakwizithameli ezibe ingxenye zasokweseka lendumezulu yomcimbi wonobuhl” kuphetha iNkosi K.S Zondi.

ImiOkuhlalukile sewugoqwa lomcimbi uMnu PS Qwabe oyinduna yesigodi iMpushini ophinde abumkhulumeli wabahleli baka Mr & Miss Mpumuza High School uthe njengoba sekuphothuliwe koka Mpumuza High School umncintiswano labo abangenele bazibeke ethubeni lokuzicijela umncintiswano omkhulu obaminyaka yonke uMr & Miss Mpumuza ka 2024 ozoba ngenyanga ezayo kuNhlangulane okuzinhlelo zawo eseziphothuliwe. Induna PS Qwabe uphinde wagcizelela ukuthi uMr & Miss Mpumuza 2024 uvuleleke kubobonke abantu abasha abahlala KwaMpumuza nabafunda kwizikole ezikemadolobheni bavumelekile ukuba ingxenye yawo okuzoba nezinhlelo zokuhlunga ezomenyezelwa kungekudala, abantu abasha nabaqede isikole eminyakeni edlule nabo bavumelekile ukubamba iqhaza ku Miss & Mr Mpumuza 2024 owalonyaka athe kuningi okuzohlonyulwa abazobamba iqhaza.
Imiphumela ngohla lwayo :
Mr Mpumuza High Schools
King Andile Zondi (Sikhululiwe Secondary School )
Mr Mpumuza High Schools Ayanda Gabuza 1st Runner Up (Kuhlekonke Secondary School )
Mr Mpumuza High Schools :Olwethu Ndlovu
2nd Runner up (Kuhlekonke Secondary School )
Miss Mpumuza High Schools
Queen
Thandolwethu Simelane (Siyanda Secondary School )
Miss Mpumuza High Schools
1st Runner Up Amahle Mthiyane
(Phayiphini Secondary School )
Miss Mpumuza High Schools
2nd Runner UP Zenande Mbanjwa (Laduma High School)
Miss Teen Mpumuza High Schools
Queen
Minenhle Ndlovu (Siyanda Secondary School )