Ibandla i-Hope of Life Church KwaZayeka isibambe ngempumelelo isithangami samadoda.

Nkosingiphile Ntombela

Inyanga kaNtulikazi okuyinyanga yamadoda ngokwekhalenda laseNingizimu Africa,inyanga ebaluleke kakhulu lapho kubanezithangami ezisuke zithinta izinto eziphathelene nabesilisa kuphinde kukhuliswane ngendlela okumele aziphathe ngayo amadoda.


Abebandla i Hope of Life Church babambe isithangami sabesilisa ngomhlaka 21 kuNtulikazi, esigodini sakwa Zayeka KwaMpumuza eMgungundlovu.Obekuseqhulwini kulosuku bekuzofundisa kuphinde kwakhe abantu abasha nabesilisa abanethemba ,abazongazinikeli kwizidakamiza babenokuqonda ukuthi umuntu omusha kumele aziphathe ngendlela elungile emphakathini.

Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media uRev Londani Mtshali unabe kabanzi ngokubaluleka kwalosuku kwiHope Of Life Church.
“Siyi Hope of Life sikhethe ukwenza lohlelo lokuzodingida izinto ezithinta abesilisa kakhulukazi intsha ezoba nethemba ngekusasa,okumqoka ukuthaza abantu abasha ngokuthi bakhulume ngezinto ezibathintayo nezibahlukumezayo njengoba sibanike nethuba lokukhuluma ngezinto ezibathintayo kwizihloko ebesinazo okunye mekubala nokuziphatha ngendlela emukelekile emphakathini nawumuntu wesilisa,ingako bekuhlala ngokweminyaka kwizingxoxo zokubonisana .Okunye ngidlulisa ukubonga kakhulu kwinduna uMnu P Ndlovu ngokweseka lohlelo ,ngibonga kakhulu kumalunga ebandla iHope of Life ngokubambisana okuhle ” kuphetha uRev Londani Mtshali.

Okuhlalukile kulembizo ibihanjelwe intsha esuka KwaMpumuza nabasuka ezindaweni ezikude okubalwa kuzo eMbali,Edendale na KwaSwayimane.
Ngokwe Hope of Life bathe lohlelo luzoqhubeka njengoba lebandla lizimisele ukubamba iqhaza ekwakheni umphakathi ophumelelayo eNingizimu Africa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link