Nkosingiphile Ntombela
Ukusebenza ngokuzikhandla kwabesifazane eNingizimu Africa kukhombisa ngokusobala ukuthi ezomnotho zakuleli azisoze zaphazamiseka uma inzalabantu izibambele ekwenzeni amabhizinisi.
Usomabhizinisi ongumqondisi jikelele kwi Khanya Community Rising uThobeka Dimane uqophe umlando emcimbini womubukiso ngengqephu obuhambisana nokwethulwa kwelinye lamabhizinisi aveze ukuthi njengoba ezokuvasha eThekwini ziphezulu le “Cafe” izokwamukela izivakashi ezizohlala ngokunethezeka ziphuze itiye okungaba futhi nawukuzobamba imihlangano endaweni epholile ezokwamukela lonke uhlobo lomuntu, ethula lebhizinisi eliyingane yeKhanya uphinde waveza ukuthi lizosiza ekufakeni izimali, ukuze iKhanya ihlezi iphila kmele kubenenye indlela ezoyifakela imali ikakhulukazi kwizindleko zokusebenza kweKhanya.

Ekhuluma nabezindaba zeBhekizizwe Media uThobeka Dimane unabe kabanzi ngohambo lwakhe kwezamabhizinisi njengoba ephokophele ekukhuleni kukomkhakha wemfashini.
“Engakusho empilweni kubalulekile ukuba nephupho bese usebenza kanzima ekulifezeni njengami angikwazwanga ukufika emfundweni ephakeme kodwa ngethalente engilinikwe umdali namuhla nginabafundi abangamakhulu abaphuma kwesami isikhungo iKhanya, okunye nokwesekana siyimbokodo kuyasiza kakhulu nokubambisana okuhle njengabesifazane kunikana nethemba lokuthi siqhubeke noma kunzima kulomkhakha wemfashini.Okunye ngibonga kakhulu kwabakwazile ukuphumelela benza losuku lwaba impumelelo nabasuka emnyangweni kahulumeni ukubakhona kwabo njengababheke ukuxhaswa kwamabhizinisi kuyakhuthaza ukuthi bazobungaza nathi siyiKhanya” kuphetha isikhulu sesikhungo uThobeka Dimane.

Khonamanjalo obengumfundi aphinde aqeqeshe abafundi kulesikhungo iKhanya uMnu Thami Noah uncome indlela umphathi walesikhungo amusize ngayo ekuqaleni kwebhizinisi ngenhlanhla wagcina engena egamanxa kwezemfashini okuwumsebenzi awenza ngokukhulu ukuzimisela, uphinde waveza indlela ababambisene kahle ngayo kulesikhungo okwenza sikhule unyaka nonyaka.


Lomcimbi obubanjelwe eThekwini eBat Centre ubuthanyelwe nayithimba elisuka emkhandlwini weTheku kaBusiness Support kanye nabasuka kuHulumeni wesifundazwe iDepartment of Social Development.