Inkosi V Zondi yaseNadi ibungaze abafundi abenzekahle kuMatric ka 2024

Ziyanda Ngcobo

Isizwe saseNadi esiholwa iNkosi V.Zondi sibungaze ukuphumelela kahle kwamatikuletsheni ka2024 okhiqize abafundi asebekezikhungweni zemfundo ephakeme.

Lomcimbi obusehholo kaMpande zingu 20 kuFebruary ,ubuhanjelwe nayizikhulu zikaHulumeni ebezisuka eMnyangweni wezeMfundo kanye nasemkhandlwini waseMsunduzi ubeyimpumelo kwagcwala nezethameli okubalwa kuzo amalunga emphakathi akhombise ukuwuthakasela.

INkosi yesizwe saseNadi ikhuluma nethimba lezindaba zeBhekizizwe Media ebibhalwe intokozo ngenxa yesasaa lalomcimbi yanaba kabanzi yathi “Okukuqala ngizoqala ngibonge oThisha abasebenze ngokuzikhandla kanye nabazali abalethe izingane zabo kulezikole ezingaphansi kwesizwe engisiphethe,ngibonga indlela eziphase ngayo ziphakamisa isizwe saseNadi ngokuphasa kahle,ngizophinde ngibonge kakhulu kwesibambisene nabo sihlela lomcimbi engakuqinisekisa ukuthi sekuzoba umcimbi obakhoma minyaka yonke.Okunye okumqoka ngalama Award ukuzokhuthaza nabkumatikuletsheni ukuthi benzekahle kakhulu kunalaba esibabungaza namuhla ” kuphetha iNkosi V.Zondi

Lomcimbi ubuthanyelwe nayi SAPS ephinde yaqwashisha abafundi ngokuthi baqhele ezintweni zobugebengu okungagcina kuphazamisa ikusasa.
Isithombe: INkosi K.S Zondi wesizwe saKwaMpumuza neNkosi V Zondi waseNadi.

Lomcimbi obuthanjelwe nayiphini  leMeya yaseMsunduzi uCllr Mxolisi income kakhulu ukwenyuka lezinga lokuphasa wathi “Izinga lokuphasa laseMgungundlovu kanye nokwanda kwabafundi abaphasa kahle  akunakuqhathaniswa nezinye izikole ezivela kwezinye izifunda, abafundi bethu babhekene nezinselelo eziningi, okuthinta ukungabi nezinsiza ezanele ezikoleni kakhulukazi emphakathini ongamelwe amakhosi sekuyizo izikole ezingakobi nabo lobucwepheshe besimanje kodwa uhulumeni wethu uzozilungisa lezi ezingekho ezingeni siphinde singenelele lapho kungabikhona uzinzo okugcina kuphazamiseka kokufunda,uSekela Meya uphinde wabonga othisha ngokusebenza ngokuzinikela ekwakheni ikusasa lezingane nasekubekeni izinga lezemfundo eMgungundlovu kwibalazwe kuphetha uMeya uCllr  Mkhize.

Isithombe: Abafundi baphume ngobuningi bezobona kuklomeliswa abafundi abenzekahle esizweni saseNadi

Khonamanjalo kulomcimbi obuhanjelwe abamabandla,abaholi bendabuko okubalwa kubo izinduna zaseNadi bebekhona bezoseka lendumezulu yokuklomelisa abafundi yize izitifiketi zabo zithathwe othishomkhulu babo ngoba bonke abafundi abaphase kahle kukesizwe saseNadi sebekezikhungweni zemfundo ephakeme abazange bakwazi ukuba ingxenye yomcimbi kubekhoma abafundi abasafunda kulonyaka.
Ongusekela sihlalo wamakhosi eMgungundlovu iNkosi K.S Zondi mewuthamele lomcimbi wokubunga abafundi abenzekahle kumatikuketsheni esizweni saseNadi.

Isithombe: Lomcimbi kuklomeliswe nothisha bamabanga aphezulu

Othisha bezifundo ezahlukahlukene baphinde bathola imiklomelo njengokwamukelwa komsebenzi wabo kanzima.

Kulama “Awards” kukhonye iSbanesihle High School esesithole 100%  kusukela  2022 kuzekube 2024 esiphinde sabanomfundi  uNgubane Philisile obaqwaqwade bonke eMgungundlovu District  wabangu nimbolo 1   kwathi kusifundazwe saKwa Zulu Natali wabangu nombolo 6.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Share via
Copy link