Nkosingiphile Ntombela
INkosi YeSizwe saKwa Mpumuza uNkosi K.S Zondi ongusekela Sihlalo wamakhosi aseMgungundlovu idlulise amazwi okubonga kwisizwe nakumalunga omphakathi ngesikhathi umkhandlu iMpumuza Traditional Counsil ibhekene nefu lokudlula kaNdunankulu uNdlovu.
INkosi K.S Zondi idlulise ukubonga kakhulu kumalunga omphakathi,amakhosana aseNdlunkulu kanye namakhansela akwazile ukuba ingxenye ngesikhathi ihlaselwe umkhuhlane iMpumuza Traditional Counsil.
Eqhuba kwinkulumo ayithumele kwiziko lezindaba zeBhekizizwe Media iNkosi K. S uphinde wathi kuzokhumbuleka Induna uNdlovu usebenze ngokwethembeka enguNdunankulu engachemi, engathathi hlangothi mekudingindwa izindaba zokubumba isizwe ekwazi nokubumba iNdlunkulu uNduna uNdlovu , uphinde wamchaza njengomholi obekhaliphile ezazi izinto ekumele zenziwe emkhandlwini iMpumuza Traditional Counsil.
INkosi K.S Zondi uphinde wenza isiphakamiso sokumisa zonke izinhlelo izinyanga ezintathu kumkhandlu okubalwa kuzo ukumiswa kokubekwa kwezinduna kanye noNdunankulu njengoba isizwe singasenaye UNdunankulu eMpumuza.Emva kwezinyanga ezintathu koqhubeka kubekwe UNdunankulu Wesizwe sakwaMpumuza.
Ukudlula kaNduna uNdlovu kuphinde kwamiswa okwesikhashana ezinye zezinhlelo ebezihleliwe okubalwa kuzo umcimbi wonobuhle.